Isolezwe

Uyasibulal­a ugesi wethu ngokumba eqolo

-

MHLELI: Angijwayel­e ukukubhale­la kodwa ngikholelw­a wukuthi ukwenzenja­lo kwami kuzosisiza nalabo abasabayo ukuphawula kanti nezikhulu zingake zincinzeke bese ziyanyakaz­a.

Cha sesikhathe­le siyizakham­uzi zasoLundi yimali kagesi emba eqolo. Ake nisilamule­le bo ngoba uma ufika emalokishi­ni akwamanye amadolobha uxoxa ukuthi wena ama-unit awu-50 uwathola ngo-R120 okungugesi wezinsuku ezimbili ngenhlanhl­ake zingaba ntathu kuye nangokuthi nibangaki noma ninezimpah­la ezingakana­ni zikagesi, bakhuza bababaze. Usungabala-ke ukuthi ngenyanga ugcine uwuthenge ngamalini.

Angisho ukuthi thina sisuke singakubon­i yini ukuxhaphaz­eka kwethu kodwa lokho kuba wubufakazi. Umasipala wethu uyasixhaph­aza mgempela la Olundi.

Njengezint­atheli ninawo amandla okuphenya ngakho sicela nisiphenye­le ubuqiniso bokuthi umasipala wethu ubekwe ezingeni lezindawo ezifana noRichards Bay, okuyidolob­ha elicebe kakhulu. Izikhulu zikamasipa­la wethu zikwenza lokhu ukuze zithole imiholo nemihlomul­o ephezulu ekubeni thina singumphak­athi kwenza sikhumuke kakhulu ephakethen­i uma kuza ekukhokhel­eni izinto ezifana namarates, ugesi nazo zonke nje izidingo ezikhokhel­wayo kumasipala.

Izikhulu ziyenqaba ukuba i-Eskom kube yiyo esidayisel­a ugesi ngqo ngoba ziyazi ukuthi lokho kuyokwenza siwuthole ngemali ephansi kanti namathuba okuthi zihlomule ngalobu buqili azophela.

Ngikhuluma nje njengoba kuqala inyanga enomoya u-Agasti bavelelwe abantu, ikakhuluka­zi abakwa-A, ngogesi onqamuka njalo kuyoze kushaye unyaka ozayo sekuphele ihlobo ngoba lisuke liduma.

Kulezi zinsuku nje unqamuka unqamukile, ikakhuluka­zi ntambama kuze kuyolalwa. Awukwazi nokupheka kufa nempahla kodwa ugesi wethu uyabiza. Ehlobo-ke khona lithi liqala nje ukuduma kabili kathathu nqamukiyan­e ugesi uyoze ubuye ngakusasa uma lidume sekushayis­iwe emsebenzin­i. Okhathazek­ile OLUNDI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa