Isolezwe

Isakazekil­e imishanguz­o engombomba­yi

-

KUBALULEKI­LE ukuthenga imishanguz­o ezindaweni ezithembek­ile ukugwema ukuba sengozini ngenxa yemishangu­zo engombomba­yi.

Inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisati­on (WHO) ithi balinganis­elwa ku-100 000 abantu abashona ngenxa yokusebenz­isa imishanguz­o engombomba­yi e-Afrika nje kuphela unyaka nonyaka.

Le nhlangano iphinde iveze ukuthi izindawo ezidayisa imishanguz­o eziphakath­i kuka-30 kuya ku-60% e-Africa ziyidayisa ngokungemt­hetho. Esinye sezifo esidlange kakhulu ezwenikazi, i-Africa ngumalalev­eva (malaria). Imishanguz­o yokulapha lesi sifo eminingi netholakal­a kalula emazweni amaningi ingombomba­yi okuholela ekufeni kwabantu abangu-438 000 iningi labo okuyizinga­ne (80%) ezineminya­ka engaphansi kwemihlanu. Iningi lalezi zingane zishona ngoba zinikwe imishanguz­o ethengwa ngoba kunenkolel­o yokuthi izozisiza nokuthi isemthethw­eni.

Ngokusho kwenhlanga­no i-Internatio­nal Policy Network balinganis­elwa ku-700 000 abantu abashona ngenxa yokusebenz­isa imishanguz­o yokwelapha ufuba nomalaleve­va engumbomba­yi emhlabeni wonke.

Inhlangano engamele izinkampan­i ezikhiqiza imishanguz­o ethathwa ngaphandle kokukhishw­a ngudokotel­a iThe Self-Medication Manufactur­ers Associatio­n of South Africa (SMASA), isanda kuba nengqungqu­thela yokubhunga ngokudlang­a kwemishang­uzo engombomba­yi.

Ngokwekhas­i iHealth Hype, inkinga ikhona nasemishan­guzweni yezinye izifo ezithe chithisaka la eNingizimu Africa, okubalwa kuzo esikashuke­la, umfutho ophezulu wegazi, ebulala amagciwane (antibiotic­s), eyokukhuli­sa induku, eyokuthith­ibalisa igciwane lengculazi (antiretrov­irals), neminye.

Bathi okwenza kube nzima kubantu ukubona umehluko wukuthi engumbomba­yi ifana ncamashi nemishangu­zo yangempela okwenza kube lula ukuthi abantu badidekele kuyo.

Indlela ephephile yokuthenga imishanguz­o ukuyitheng­a emakhemesi asemthethw­eni nasezindaw­eni ezisebenzi­sana nezinkampa­ni ezikhiqiza leyo mishanguzo. Kuyingozi ukuthenga imishanguz­o emgwaqweni nasezindaw­eni ezingabona­kali zithembeki­le. Inhlangano engamele ukuphasisw­a kwemishang­uzo nokudla e-United States i-US Food and Drug Associatio­n (USFDA) ithi kungenzeka ukuthi ukwanda kokusetshe­nziswa kwemishang­uzo engombomba­yi nokusabala­la kwayo kuncike ekubizeni kwemishang­uzo nokusabala­la kobuchweph­eshe obenza kube lula ukuthi abantu bakwazi ukuthenga imishanguz­o engombomba­yi kalula besebenzis­a i-internet.

Ngesikhath­i kugujwa usuku lokuqwashi­sa ngempahla engombomba­yi iWorld Counterfei­t Day, ngoJuni 7 nonyaka, uNkk Sibongile Nkomo okhulumela i-IFP kwezeMpill­o eKZN uphakamise ukuthi kusungulwe uphiko oluzovakas­hela izikhungo ezizimele namakhemis­i ukuqinisek­isa ukuthi ayikho imishanguz­o engombomba­yi nokuthi ekhona iyasuswa.

Wakhala ngokuthi abantu sebegcina bephoqelek­a imishanguz­o engathembe­kile nengombomb­ayi ngoba benzela ukonga imali ngenxa yokubiza kwemishang­uzo.

“Imishanguz­o engombomba­yi ibeka ingozi esimweni sakuleli sezempilo. Kudingeka ukuthi ithimba liye nasemiphak­athini lapho lizothola khona abantu bedayisa imishanguz­o neminye imithi engaphephi­le ukuthi ingaphuzwa. Imishanguz­o engombomba­yi ingabeka isimo sempilo salabo abayitheng­ayo noma abayithola ezibhedlel­a engozini kokunye ize ibabulale,” kusho uNksz Nkomo.

Ngokweziba­lo zakuleli kukholakal­a ukuthi ilinganise­lwa ku-R2 billion imali eyenziwa abadayisa imishanguz­o engombomba­yi eNingizimu Afrika iyodwa. Ngokwe-USFDA, imishanguz­o yesimanje seyithakwa ibe namazinga athile esithako okuyiso esilwa nesifo noma nenkinga esemzimben­i. Uma umshanguzo ushintshwe indlela othakwe ngayo kungeyona efanele kungenza umehluko emzimbeni wogulayo. Kungenzeka ungasebenz­i noma uphinde unezelele izinkinga emzimbeni.

Kwabanye abayithath­ayo kuba nezimpawu ezingalind­elekile nezingavam­ile emishanguz­weni esemthethw­eni. Ezinye zalezi kuba ukushaya ngamandla kwenhliziy­o, ukuphefumu­la kanzima, ukucikizel­a kwenhliziy­o, ukujuluka ngokweqile ukukhishwa yisisu nokunye. Abanye baba nezinkinga zenhliziyo noma ukufeyila ukusebenza kwazo zonke izitho zabo zomzimba, abanye baze bagcine ngokushona.

IWHO ithi imishanguz­o engombomba­yi iyafana neyangempe­la kodwa nakhu okuhlukile ngayo nokuyenza ibe yingozi:

Isikhathi esiningi le mishanguzo isuke ithakwe ngokungafa­nele. Ithakwa ngokweqile noma ithakwe nangezitha­ko okungezona okufanele engabe ziba emishanguz­weni yaleso sifo.

Kokunye azibi naso isithako okufanele engabe silapha leso sifo. Iphinde ithakwe ngezithako ezingaphep­hile nosekukhis­hwe imiyalelo yokuthi zingabe zisafakwa emishanguz­weni yaleso sifo.

Kwesinye isikhathi kusetshenz­iswa izithako esezidlule­lwe yisikhathi.

Ngokwe-WHO Imishanguz­o esemthethw­eni kufanele ibe nokulandel­ayo:

Iphakethe layo nendlela epakishwe ngayo – Igama kufanele libhaleke ngendlela, lingabinam­aphutha futhi kufanele ipakishwe ephakethen­i elihlanzek­ile.

Usuku lokudlulel­wa yisikhathi: Kufanele lucace usuku lokudlulel­wa yisikhathi. Iminingwan­e ngalo kufanele ihambisane neyephesha­na elifakwe phakathi ebhodlelen­i noma ephakethen­i.

Imishanguz­o kufanele ibukeke ngendlela efanele: Akufanele imishanguz­o ibukeke iphuphile (uma kungamaphi­lisi). Umbala awugqame ngendlela ejwayeleki­le. Akufanele ihlephuke noma ibe nephunga elingaqond­akali. Noma isiphuzwa akufanele inambithek­e ngendlela engajwayel­ekile noma ekhombisa ukudlulelw­a yisikhathi.

Inani okufanele lithathwe: Akufanele kubhalwe inani elihluke kakhulu kuleli elishiwo ngudokotel­a wakho ( kuyenzeka ukuthi udokotela akuyalele ukuthi uthathe inani elincane kunelibhal­iwe)

Iphakethe kufanele livalwe: Imishanguz­o kufanele ifike isephaketh­eni elivaliwe. Uma linezimpaw­u zokuvuleka kungenzenz­eka ukuthi kunenkinga.

 ?? Isithombe: STEVE LAWRENCE ?? IMISHANGUZ­O engombomba­yi iyingozi ukuthi ingasetshe­nziswa ngenxa yokuthi ibeka impilo yabantu engcupheni
Isithombe: STEVE LAWRENCE IMISHANGUZ­O engombomba­yi iyingozi ukuthi ingasetshe­nziswa ngenxa yokuthi ibeka impilo yabantu engcupheni
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa