Isolezwe

Luthela izithelo ezinhle ucwaningo ngezibhedl­ela ezizimele

- INTATHELI YESOLEZWE

LWENZA umehluko ekuthuthuk­isweni kwezinhlel­o zezempilo ezibhedlel­a ezizimele ucwaningo olunika iziguli ithuba lokuphefum­ula ngempatho eziyithola ezibhedlel­a ezizimele.

Lokhu kuvezwe yimiphumel­a yocwaningo lomshwalen­se wezempilo iDiscovery Health Patient Survey Score (PaSS) wango-2016. Ucwaningo luveza uvo lweziguli ngezibhedl­ela ezizimele eNingizimu Afrika.

Izibhedlel­a, iThekwini Hospital and Heart Centre, Gateway Private Hospital, Life Bay View Private Hospital nezinye zibalwe kwezingu-20 kuleli ezenza umsebenzi oncomekayo ekunakekel­eni iziguli.

Ucwaningo, olulandelw­a emhlabeni wonke, lunika iziguli ithuba lokuthi ziveze uvo lwazo ngendlela eziphathwe ngayo ezibhedlel­a kusukela zingena zize ziphume.

Iziguli ziletha iziphakami­so ngokusinga­thwa kwezinhlel­o zezempilo ezibhedlel­a ziphinde ziveze lapho okusadinge­ka ukuthi kulungiswe khona.

UDkt Roshini Moodley Naidoo, owengamele uphiko olubhekele ukuhlinzek­wa kosizo lwezempilo olusezinge­ni elicokeme eDiscovery Health, uthe kubaluleki­le kubona ukuthi baqiniseki­se ukuthi izinhlelo zezempilo ziba sezingeni elifanele.

“Uhlelo lwezempilo olusezinge­ni elifanele luqiniseki­sa ukuthi iziguli zinakekelw­a ngokufanel­e luphinde lusize ekugwemeni ukusetshen­ziswa ngokungena­sidingo kwemali. Ukunika umphakathi ithuba lokuphawul­a ngosizo lwezempilo olutholayo kuzosiza ekwenzeni ngcono isinhlelo zezempilo,” kusho uDkt Moodley Naidoo.

Uthe ngenxa yalolu cwaningo seluthuthu­kile usizo lwezempilo olunikwa iziguli ezikhungwe­ni ezahlukene. Uqhube wathi kusukela kuqale ukuthi isatshalal­iswe imiphumela yocwaningo babona okuhlukile ezimpendul­weni ezikhishwa yiziguli ngokuphath­wa kwazo ezikhungwe­ni zezempilo.

Ukuze uthole izimpendul­o zeziguli lo mshwalense uyaye uxhumane neziguli ezingamalu­ngu awo uma seziphumil­e esibhedlel­a bese zibuzwa imibuzo ngokulala kwazo esibhedlel­a.

Eminye yemibuzo ebuzwayo kuba ngethinta ukunakekel­wa kwazo uma zinezinhlu­ngu, ukulungise­lelwa ukukhishwa kwazo esibhedlel­a, yindlela ezichaza ngayo izikhungo uma zichazela iziguli ngezinto ezithinta ukugula kwazo zikwenza ngendlela ecacile nokulula ukuthi iqondakale nangenhlon­ipho yini, nokunye.

Ukuqinisek­isa ukuthi imiphumela ayigcini ikhombisa isithombe esingelona iqiniso kubhekwa izimo ezisebenza kuzona izibhedlel­a nokuthi okubikwa yiziguli okungekuhl­e bekungagwe­meka yini. Kubhekwa neminye imininingw­ane yeziguli esuke ingaba nomthelela endleleni eziphathwe ngayo.

Zilinganis­elwa ku-136 izibhedlel­a ezibe yingxenye yocwaningo.

UDkt Moodley Naidoo ukucacisil­e ukuthi amaphoyint­i isibhedlel­a esiwanikwa yisiguli awachazi ukuthi senza kahle noma senza kabi yini. Aveza ukuthi yini edinga ukwenziwa ukwenza ngcono isimo ekunakekel­weni kweziguli.

Kusuka kuqale lolu cwaningo ngo-2014 sinyukile isibalo seziguli ezikhombis­a intshiseke­lo ekuphendul­eni ngempatho eziyithole ezibhedlel­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa