Ukhungathekile owesikhungo sezingane
UNQUNYELWE ugwayi katiki owesifazane waseMlaza onesikhungo sezingane ezikhubazekile esisemzini wakhe.
UNkk Thokozile Mthuli (76) weMasibambisaneni for Children with Disabilities uyalelwe ukuthi akushaye u-Agasti 25 eseziphindisele emakhaya zonke izingane ezilala emzini wakhe ngoba umthetho awukuvumi lokhu. Uhlala nezingane ezingu-13 kuzona okukhona neziyizintandane angazi ukuthi uzozishonisaphi.
Uthe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke nenhlangano yabakhubazekile, iDisabled Children Action Group, bamshaye ngemfe iphindiwe kade bethi bayamsiza manje sebevale ukuthi izingane zilale emzini wakhe yize bese ezigcine iminyaka.
“Usonhlalakahle ophuma kuzwelonke ungenzele ubugebengu ethi uyangisiza ngoba izincwadi enginazo azikuvumeli ukuthi umuzi wami ube yisikhungo. Ngiqale ngajabula ngizitshela ukuthi ngiyasizwa kodwa manje ngibona sengathi bekudlalwa ngami ngoba amaphepha okwathiwa ayolungiswa wusonhlalakahle usenqwahe nawo futhi usethi angiphindisele zonke izingane emakubo. Angazi ukuthi ezingenabazali kumele ngizenzenjani,” kusho uNkk Mthuli.
Waqala ukunakekela izingane ezikhubazekile ngemuva kokushona kwamadodana akhe amahlanu ayekhubazekile. Uneminyaka engu-30 enalesi sikhungo.
UNkk Kholeka Koko-Mhlahlo, ongusonhlalakahle obuye abe sophikweni olusungula imigomo eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi, uthe isikhungo sikaNkk Mthuli nezinye ezimbili kulesi sifundazwe zaqokwa ukuthi bezwe ngazo amanzi ngobhoko ohlelweni Izingane Kuqala oluphethwe yiphini likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNkk Hendrieta Bogopane-Zulu.
“Sakhetha izikhungo eziphethwe ngabazali abanezingane ezikhubazekile njengesikaNkk Mthuli. Sifuna ukuqhamuka nendlela ephephile yokugcinwa kwezingane ezikhubazekile. Asibabukeli phansi omama kodwa sifuna ukubasiza bahambisane nomthetho okhona manje,” kusho uNkk KokoMhlahlo.
Uthe isikhungo sikaNkk Mthuli besibhaliswe ngokuthi iMasibambisaneni Day Care Centre. Izingane bezifunda emini ebusuku zilale kuwo lo muzi uNkk Mthuli abuye ahlale kuwo nezingane zakhe.
“Ngiwathathile amaphepha ngayowalungisa ukuze avikeleke. Uma efisa ukushintsha umuzi awenze ikhaya lezingane angakwenza. Simsizile ukuthi athole isikhungo esizohlala izingane emini. Sithole ukuthi kunabantu abamqolayo besebenzisa izincwadi zakhe uma beyofuna imali ezinkampanini ezithile,” kusho yena.
Uthe umyeni kaNkk Mthuli ukubeke kwacaca ukuthi ngeke avume ukuthi umuzi wakhe uphendulwe ikhaya lezingane ngoba akanalo elinye ikhaya.
Okunye okwenziwa yilolu hlelo uthe wukuhlanganisa umndeni kufundiswe abazali ukuthi bahlale nezingane zabo ezikhubazekile bangazifihli, lubheke nokuthi yiziphi izinkinga ezizovela uma izingane seziphindiselwe kubazali. Esezishonelwe ngabazali uthe zizofunelwa izikhungo ezibhalisiwe ezingafakwa kuzo.
“Akukho esingakwenza ngoba izingane ezingenabazali sezingaphezulu kweminyaka ewu18 asisakwazi ukuthi uNkk Mthuli anikwe ithuba lokuba umzali wazo,” kusho yena.