EGlebe ukufa akukude nabahlali
ABESIFAZANE nezingane bahlala ehostela eGlebelands, eMlaza, eyayakhelwe amadoda amnyama nguhulumeni wobandlululo. Yize kubukeka sengathi baphila impilo ejwayelekile kodwa eGlebelands ukufa akukho kude futhi akekho ophazamisekayo noma oqalazayo uma kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu nokumemeza kwabantu. Ukubuka okwenzekayo kungasho ukuzibizela ukufa.
ISunday Tribune, enguzakwabo weSolezwe, ivakashele eGlebelands, ukukhumbula inyanga yabesifazane, ngokukhuluma nomama abakhulisa imindeni esimeni esifana nempi.
Kuleli hostela kuthiwa bangaphezulu kuka-90 abantu asebebulewe kusukela ngo-2014 - abesifazane okukhulunywe nabo bathi lesi yisibalo esincane uma uqhathanisa nesibalo sangempela.
Laba besifazane bagcizelele izinsolo zeKhomishini kaMoerane ephenya ngodlame zokuhlangana kwamaphoyisa nabasolwa.
UNksz Nolwazi Mantombane (okungesilo igama lakhe langempela) odabuka e-Eastern Cape owafika eGlebelands ngo-1987 ezofuna umsebenzi eThekwini, uhlale nesinqandamathe sakhe kwaze kwaba bayahlukana ngo-1994 wabe esezitholela indlu yakhe.
“Ngesikhathi ngifika ehostela, abesifazane babengavumelekile ukuba nezindlu zabo. Bekuvunyelwe ukuthi bavakashe ngezimpelasonto, uboshwe uma utholakala phakathi nezinsuku ehostela. Nami ngangihlala ngokucashela amaphoyisa kwaze kwaba wu-1992.”
UNksz Mantomane uthe usebone konke eGlebelands kanti uyazi ukuthi ukuhloma amehlo phansi nokubheka engxenye yikona okuqinisekisa ukuthi uphila olunye usuku.
Uthe emuva kokushona kukanina ngo-2005 waphoqeleka ukuthi alande izingane zakhe ezintathu e-Eastern Cape wazohlala nazo ehostela.
“Ngizizwa ngiyisahluleki ngoba akukho engingakwenza ukuvikela izingane zami. Ngiyaqwasha ebusuku ngicabanga ukuthi ngenzenjani kodwa asikho isixazululo.”
Uthe ukubaleka akusizi ngoba izinkabi ziyakulandela ngisho emakhaya.
UNksz Bongekile Mbhele naye odabuka e-Eastern Cape ofike ngo-1990 ngemuva kokutholelwa ngumzala wakhe umsebenzi, uthe kwakunokuthula ehostela ingakaqali impi phakathi kweANC ne-IFP ngama-1990s. Uthe isimo saqala ukuba ngcono ngo1997.
“Sasisaba nangaleso sikhathi kodwa bekungcono kunalokhu okwenzeka manje. Akukaze kubulawe abantu abangaka ngisho kusaliwa izimpi zepolitiki. Emuva kokubulawa kwekhansela uZodwa Sibiya (ngo- Ephreli 2016) ngabona ukuthi sonke asiphephile kule ndawo. Ngagcina ngiyeka umsebenzi ngisaba ukubuya sekuhlwile.”
UNksz Thandeka Mbhele wakwaKhoza ngaseGingindlovu, uthe akusizo zonke izigameko zokubulawa kwabantu ezihlobene nokudayiswa kwemibhede njengoba kubikwa kwabezindaba.
Uthe abanye abagilwa baphuma ezindaweni ezisemakhaya, lapho kunemibango phakathi kwemindeni nezigodi.
“Umbango wemibhede uvulela intuba ukuziphindiselela kwabanye , akekho ophephile ngisho abesifazane bayabulawa.”
Umndeni owondliwa ngowesifazane eGlebelands uphila ngemali elinganiselwa ku-R2000 ngenyanga kanti abaningi bathembele emalini yesibonelelo sikahulumeni namatoho.
UNksz Busi Zindela, uthe wagcina ukusebenza ngo-2015 kodwa ngenhlanhla izingane zakhe ezimbili zisanda kuthola amatoho kwenye inkampani yokwakha. Yize zingaholi imali enkulu kodwa iyasiza.
Lo wesifazane uhlala nazo zonke izingane zakhe ezinhlanu ehostela nabazukulu abathathu endlini eyakhelwe ukuhlala umuntu oyedwa.
Abane balala embhedeni, abanye bampintshane phansi.
Basebenzisa ikhishi nendawo yokugeza eyodwa neminye imindeni emithathu, ehlala kwamanye amakamelo.
“Singahamba ehostela uma singathola imali yokuqasha kwezinye izindawo. Okwamanje kungcono ehostela ngoba sikhokha u-R115 ngenyanga bese sifaka uR400 kumasingcwabisane.”
*Abesifazane banikwe amagama okungesiwo awabo ukuze bavikeleke