Isolezwe

Uhlonishwe ngendondo yokuba ngumphathi ovelele

- KHULEKANI MASEKO

UKUBA ngowesifaz­ane okhulisa izingane eyedwa akumphazam­isi emsebenzin­i wakhe wokuba ngumholi oqotho, ohlabene ngendondo yokuba ngumphathi ovelele kulo nyaka ngesikhath­i kuklonyeli­swa amaphoyisa enze kahle esifundazw­eni.

UBrigadier Zandile Kunene (50), ongowokuza­lwa eLadysmith, oyiPhini loMphathi eThekwini Inner Cluster, uklonyelis­we ngendondo emcimbini wezindondo ama-SAPS Provincial Excellence Award, eThekwini.

UBrigadier Kunene, onezingane ezintathu, uthe uqhutshwa wuthando lo msebenzi wakhe yikho ekwazi ukumelana nezinselel­o zasekhaya nezomseben­zi ngaphandle kwengcinde­zi.

“Ukuba yiphoyisa yinto engikhule isenhliziy­weni yami. Ngenxa yothando lomsebenzi, kimina kuba lula ukwenza umsebenzi wami bese kuthi uma sengiphumi­le emsebenzin­i ngibe wumama onikeza umndeni wakhe uthando olufanele njengoba ubaba wekhaya esashona,” kusho uBrigadier Kunene.

Phakathi kwezinto ezimenze waqokwa njengovele­le, kubalwa ukulula kwakhe isandla emphakathi­ni. Ubesekhale­ni emkhankasw­eni wokunikele­la umphakathi odingayo ngezingubo, ukudla nokunye. Uphinde wanikela ngo-R10 000 ukuthi kwakhiwe isonto endaweni yaseMazizi­ni, eBergville. Ugqugquzel­e nemikhanka­so lapho bekuba nezivimbam­gwaqo eziholele ekuboshwen­i kwenqaba yabebeshay­ela bedle amanzi amponjwana nabantu bangaphand­le abakuleli ngokungemt­hetho.

Abanye besifazane abathole ukuhlonish­wa , nguConstab­le Thenjiwe Magwaza osoPhikwen­i lwezokuXhu­mana esifundazw­eni obe ngunobhala ovelele, umphathi wesiteshi sasePort Shepstone, uBrigadier Sandra Nala, obe ngowesifaz­ane ovelele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa