Udayiselwe i-Arrows obebolekwe kwiWits
IBIDVEST Wits idayisele ngokugcwele iLamontville Golden Arrows umgadli waseZambia ovuthayo ezwenikazi i-Afrika, uKnox Mutizwa, ebimboleke kompetha be-Absa Premiership ngesizini edlule.
Ushayele i-Arrows amagoli amqoka okubalwa kuwona elikhavise ekugcineni koweKaizer Chiefs nelifake leli qembu kuMTN 8 bebhekene ne-Orlando Pirates.
Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguJose Ferreira oyisikhulu esiphezulu seClever Boys ngesikhathi exoxa naleli phephandaba ngokwenzeka eqenjini lakhe.
Njengamanje uMutizwa nguyena umdlali ohamba phambili kubadlali baseNingizimu nezwekazi lase-Afrika. Usanda kuqokwa njengomdlali ovelele kuCosafa Cup. Kulo mqhudelwano uMutizwa uhlohle amagoli amahlanu okuholele ekutheni izwe lakhe iZimbabwe ligcine lingompetha lithela othulini iZambia emdlalweni wamanqamu. “UMutizwa akaseyena umdlali wethu. Simdayisele i-Arrows ngakho kukuyona ukuthi iyamdlalisa yini noma cha uma sesibhekene nayo kwiMTN 8,” kusho uFerreira.
IWits iyona evikela isicoco seMTN 8. Ngesizini edlule iqumbe phansi iMamelodi Sundowns ngo-3-0 kowamanqamu eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalanga.
Kule sizini ka-2017/18, iWits izodudulana neGolden Arrows emdlalweni wama-quarterfinal yeMTN 8 ngoLwesihlanu eBidvest Stadium, eMilpark, eGoli. Lo mdlalo uzoqala ngo-8 ebusuku.
IWits izibekisele indawo kuMTN 8 ngemuva kokudla isicoco se-Absa Premiership. Abafana Bes’thende baqede endaweni yesishiyagalombili. Ngesizini edlule uMutizwa ubebolekiswe kwiArrows izinyanga eziyisithupha. Ushaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-12 yeligi.
Lobu bungozi bukaMutizwa nabanye abadlali be-Arrows yibona obenza umqeqeshi weWits, uGavin Hunt asonge ngokubophela lonke ubisi analo kulo mdlalo.
“Ngaphezulu kokuba ompetha beligi yithina esivikela iMTN 8 manje cabanga ukuthi kungaba ukuphoxeka okunjani ukuphuma ekuseni sidlalela ekhaya. Okungafanele sikwenze ukuzitshela ukuthi sizodlula kalula kwi-Arrows ngoba lokho ngeke kwenzeke. Ngesizini edlule i-Arrows ibiqine ngendlela eyisimanga manje njengoba ibuya ngaphandle kwabadlali abaningi abasha izokuba yinkinga kithina,” kusho uHunt.