Isolezwe

Uyazikhand­la umbhukudi wase-DHS

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUBA lukhuni kwesigaba aseqhudela­na kusona uSabelo Mlaba oneminyaka engu-14 ubudala odle isicoco sokuba ovelele kwiLets Play ka-Ephreli ku-2017, kumphoqa ukuba aziqeqeshe ngaphambi kokuya esikoleni aphinde enze okufanayo uma esebuya khona.

Ngaphambi kokuya esikoleni iDurban High School (DHS) ngaseMusgr­ave, uMlaba uqala azilolonge nomqeqeshi wakhe kwiLondon Dolphins Swimming Club, uMxolisi Zungu, eSutton Park Pool eseMorning­side noma kweyaseKin­gs Park. Lokhu kungenxa yokuqina kwezinga uMlaba asebhukuda kulona manje ngokusho komqeqeshi wakhe uZungu. “Kuyaphoqa ukuthi siziqeqesh­e ekuseni ngaphambi kokuya esikoleni. Yinto efanayo futhi uma esebuya khona. Lokhu kwenzeka izinsuku ezinhlanu esontweni. Kuyaphoqa ukuthi aziqeqeshe ngale ndlela ngoba ukhule ngesivinin­i kulo mdlalo futhi izinga akulona manje liyaphoqa ukuthi isimo sakhe sihlale siseqophel­weni esliphezul­u,” kusho uZungu. Ezikhulume­la uMlaba ofike kumaSalga Games ngaphansi koGu District ngemuva kokuwinela iTheku amagolide amahlanu namasiliva amane, uthe: “Indaba iqale ngiminza ngisenemin­yaka emine kumbe emihlanu. Lokhu kwenzeke kweminye yemizi yezihlobo kodwa ngahlengwa. Kusukela ngalelo langa kukhona okwakheka kimina ngokubhuku­da. Ngifisa ukufana nomqeqeshi wami uZungu noChad le Clos engibukela kubona konke.”

UMlaba ugila izimanga kuzona zonke izigaba afika kuzona. NgoFebhuwa­ri nonyaka ungene okokuqala kuma-SA Interprovi­ncial /KZN level 1 abeseThekw­ini wagoduka namagolide amane nawethusi amathathu. Udlulele ku-level 2 kuzwelonke (eSasolburg) lapho bekukhona nababhukud­i baseZimbab­we, Namibia namanye amazwe ase-Afrika lapho edle khona amasiliva amabili ebhukuda ngezitayel­a ezahlukene ku-50m.

“Kuyangikut­haza ukukhethwa yiLets Play ngoba kuzongenza ngibe nomfutho wokuqhubek­a noma ngizwa ukuthi sekunzima. Ukwazi ukuthi kunabathil­e abafisa ukufana nawe kuyakhutha­za kukodwa,” usonge kanje uMlaba.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa