Isolezwe

Uzobhekana nenzima uMcCarthy

- ZAKHELE XABA

UZOBHEKANA nomqansa zibekwa umqeqeshi omusha weCape Town City, uBenni McCarthy, obhekwe ngabaningi ngesizini ka-2017/2018.

UMcCarthy, okunguyena yedwa umdlali waseNingiz­imu Afrika osawine indebe ye-UEFA Champions League, uzoqala uhambo lwakhe njengomqeq­eshi ku-Absa Premiershi­p. Usihlalo weCity, uJohn Comitis, usevele uphumele obala ngokuthi ngeke amfake ingcindezi uMcCathy ngesizini yakhe yokuqala kodwa ubheke ukuthi iqembu lakhe lenze kangcono kunedlule.

I-The Citizens ibiqeqeshw­a ngu-Eric Tinkler ngesizini edlule banqoba indebe yeTelkom Knockout. UMcCarthy uzothola isivivinyo sokuqala kwiPolokwa­ne City uma sebebheken­e koweMTN 8 eCape Town City Stadium ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

Emuva kwalokho koweligi uzobhekana nomqeqeshi owamnika ithuba lokudlala esigabeni esikhokhel­ayo, uGavin Hunt, uma sebebheken­e neBidvest Wits ngo-Agasti 18. UMcCarthy wanikwa ithuba nguHunt kuSeven Stars ngo1995. Emdlalweni wobungani emasontwen­i edlule uMcCarthy ukhale ngaphansi ngo 1-0 kuHunt ohola ompetha beMTN 8 nesicoco seligi.

Emidlalwen­i elandelayo yeligi uMcCarthy kufanele aqhamuke namaqhinga okudlula kwiPlatinu­m Stars ngo-Agasti 23, Kaizer Chiefs (Septhemba 13) ne-Orlando Pirates(Septhemba 19).

Ngaphandle kukaMcCart­hy, abaqeqeshi abasha kwiPremier­ship babhekwe ngabomvu. Kulabo baqeqeshi kukhona owePlatinu­m Stars uPeter Butler obepheka iqembu lesizwe laseBotswa­na. IStars ihlukane nabadlali abaningi okukhona kubona uNdumiso Mabena osegijima kwiBloemfo­ntein Celtic nobeyiphin­i lomqeqeshi uWillem Jackson engavusele­lwanga inkontilek­a yakhe.

IDikwena izovula isizini ekhaya ngoAgasti 20 neMaritzbu­rg United nokuyilaph­o kuzobe kubhekwe khona okusha okufike noButler kuleli qembu elishaye into ephansi ngesizini edlule. Emuva kwalokho izobhekana neCape Town City, SuperSport United neChippa United ngokulande­lana.

KwaZulu-Natal wonke amehlo akumqeqesh­i waMaZulu, uJoey Antipas, ozobe eqala ukuqeqesha kwiPremier­ship. Uhlulekile ukunyusela Usuthu kwiPremier­ship emuva kwesizini eluqeqesha kwiNationa­l First Division (NFD). AmaZulu athenge isitifiket­i seThanda Royal Zulu ewine iligi yeNFD ngesizini ka-2016/2017. U-Antipas unengcinde­zi yokuzakhel­a ukwethenjw­a ngabalande­li. Emdlalweni wokuqala wesizini uzokwamuke­la iFree State Stars eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-Agasti 19. Emuva kwalokho AmaZulu azobhekana neChippa United, Maritzburg neLamontvi­lle Golden Arrows ngokulande­lana.

Umqeqeshi okhuza ibuya kwiPirates, uMilutin Sredojevic, uyena okubukeka ezobe ebhekwe kakhulu ukuthi abuyise izinsuku zenjabulo kuleli qembu eliqede ngaphandle kweTop 8 ngesizini edlule. EZimnyama zithuse iningi zidedela obengukapu­teni u-Oupa Manyisa osezogijim­a kwiMamelod­i Sundowns. Emidlalwen­i emine yokuqala iPirates izobhekana neChippa United, Baroka, Ajax Cape Town neMaritzbu­rg ngokulande­lana.

UVeselin Jelusic ongumqeqes­hi omusha weCeltic, uzokhombis­a iNingizimu Afrika amagalelo akhe uma eseqala eyePremier­ship. Uzobhekana neKaizer Chiefs ngo-Agasti 20 ekhaya. Kweminye imidlalo uzodudulan­a ne-Arrows, Polokwane neBaroka.

 ??  ?? KUZOCACA emidlalwen­i embalwa yokuqala ukuthi umqeqeshi omusha weCape Town City uBenni McCarthy uphetheni njengoba kuqala isizini entsha ngempelaso­nto
KUZOCACA emidlalwen­i embalwa yokuqala ukuthi umqeqeshi omusha weCape Town City uBenni McCarthy uphetheni njengoba kuqala isizini entsha ngempelaso­nto
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa