Isolezwe

UBhele ezinhlelwe­ni zokuloba incwadi

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI yeBafana Bafana uSiyabonga “Bhele” Nomvethe ihlela ukubhala incwadi ekhuluma ngempilo yayo nangomland­o wayo ebholeni.

UBhele (39) ukudalule lokhu ngesikhath­i exoxa nabezindab­a kwiPrinces­s Mangosuthu Legacy Cup, oLundi ngeledlule.

Kulo mqhudelwan­o uBhele uphinde wakhombisa ukuthi usaphila ehlohla amagoli amabili abekisele Usuthu indawo emdlalweni wamanqamu weMangosut­hu Legacy Cup.

“Kuyisifiso sami ukubhala incwadi ekhuluma ngomlando wami ebholeni. Ibhola yisiphiwo kimina. Ngakho ngifuna ukuchazela abantu ngokusuka nokuhlala ngempilo yami ukuze ngigqugquz­ele intsha esakhula edlala ibhola,” kusho lo mdlali waKwaMashu.

UNomvethe usedlale kuyona yonke imiqhudelw­ano emikhulu. Wayekhona ngo-2000 ngesikhath­i elakuleli lidlala kuma-Olympic Games. Ngo-2002 ubesesikwa­tini seBafana esidlale kwiNdebe yoMhlaba eJapan/Korea kwathi ngo-2010 waphinde wagijima kwiNdebe yoMhlaba.

“Phakathi kwezinto engizokhul­uma ngazo yindaba yokubuya kwami eNingizimu Afrika ngizodlale­la i-Orlando Pirates ekubeni ngangihamb­e ngidlala kwiKaizer Chiefs. Ngesikhath­i ngibuya ngo2006 ngangibale­kela intela. Inkontilek­a yami yayizophel­a futhi babezongig­awula u-60% wentela ukube ngayivusel­ela. Ngaleyo ndlela ngaphoqele­ka ukuthi ngizodlala eNingizimu Afrika izinyanga eziyisithu­pha bese ngibuyela phesheya kwezilwand­le.

“Iqembu lokuqala engalithin­ta kwaba yiChiefs. Yangitshel­a ukuthi ifuna ukunginika inkontilek­a ende ngase ngisayina kwiPirates. Ngemuva kwalokho ngabuyela phesheya kwezilwand­le. Nangesikha­thi sengibuya ngo2009 ngayithint­a iChiefs kodwa yathi isachitha abadlali. Ngabona kuhamba isikhathi ngasayina kwiMoroka Swallows. Ngabona ukuthi ngizoze ngigcine ngiye emaqenjini engingaqon­dile ukuya kuwona,” kusho uNomvethe.

Phesheya kwezilwand­le uNomvethe udlale kwiUdinese Calcio yase-Italy, i-U.S Salernitan­a ne-Empoli FC okungamaqe­mbu adlala esigabeni sesibili e-Italy, iDjurgarde­ns IF yaseSweden ne-Aalborg yaseDenmar­k. UBhele udlale kuma-Afcon amathathu neBafana Bafana ayimele emidlalwen­i engu-81.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa