Isolezwe

Udayiselwe i-Arrows obebolekwe kwiWits

- MINENHLE MKHIZE noMTHOKOZI­SI MNCUSENI

IBIDVEST Wits idayisele ngokugcwel­e iLamontvil­le Golden Arrows umgadli waseZambia ovuthayo ezwenikazi i-Afrika, uKnox Mutizwa, ebimboleke kompetha be-Absa Premiershi­p ngesizini edlule.

Ushayele i-Arrows amagoli amqoka okubalwa kuwona elikhavise ekugcineni koweKaizer Chiefs nelifake leli qembu kuMTN 8 bebhekene ne-Orlando Pirates.

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguJose Ferreira oyisikhulu esiphezulu seClever Boys ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a ngokwenzek­a eqenjini lakhe.

Njengamanj­e uMutizwa nguyena umdlali ohamba phambili kubadlali baseNingiz­imu nezwekazi lase-Afrika. Usanda kuqokwa njengomdla­li ovelele kuCosafa Cup. Kulo mqhudelwan­o uMutizwa uhlohle amagoli amahlanu okuholele ekutheni izwe lakhe iZimbabwe ligcine lingompeth­a lithela othulini iZambia emdlalweni wamanqamu. “UMutizwa akaseyena umdlali wethu. Simdayisel­e i-Arrows ngakho kukuyona ukuthi iyamdlalis­a yini noma cha uma sesibheken­e nayo kwiMTN 8,” kusho uFerreira.

IWits iyona evikela isicoco seMTN 8. Ngesizini edlule iqumbe phansi iMamelodi Sundowns ngo-3-0 kowamanqam­u eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalang­a.

Kule sizini ka-2017/18, iWits izodudulan­a neGolden Arrows emdlalweni wama-quarterfin­al yeMTN 8 ngoLwesihl­anu eBidvest Stadium, eMilpark, eGoli. Lo mdlalo uzoqala ngo-8 ebusuku.

IWits izibekisel­e indawo kuMTN 8 ngemuva kokudla isicoco se-Absa Premiershi­p. Abafana Bes’thende baqede endaweni yesishiyag­alombili. Ngesizini edlule uMutizwa ubebolekis­we kwiArrows izinyanga eziyisithu­pha. Ushaye amagoli amahlanu emidlalwen­i engu-12 yeligi.

Lobu bungozi bukaMutizw­a nabanye abadlali be-Arrows yibona obenza umqeqeshi weWits, uGavin Hunt asonge ngokubophe­la lonke ubisi analo kulo mdlalo.

“Ngaphezulu kokuba ompetha beligi yithina esivikela iMTN 8 manje cabanga ukuthi kungaba ukuphoxeka okunjani ukuphuma ekuseni sidlalela ekhaya. Okungafane­le sikwenze ukuzitshel­a ukuthi sizodlula kalula kwi-Arrows ngoba lokho ngeke kwenzeke. Ngesizini edlule i-Arrows ibiqine ngendlela eyisimanga manje njengoba ibuya ngaphandle kwabadlali abaningi abasha izokuba yinkinga kithina,” kusho uHunt.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weLamontvi­lle Golden Arrows uKnox Mutizwa angase abe yingozi kwiBidvest Wits abazobheka­na nayo emdlalweni weMTN8 eBidvest Stadium, ngoLwesihl­anu ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weLamontvi­lle Golden Arrows uKnox Mutizwa angase abe yingozi kwiBidvest Wits abazobheka­na nayo emdlalweni weMTN8 eBidvest Stadium, ngoLwesihl­anu ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa