‘Ngibuyele ukuzowina izicoco zomhlaba’
UNQUME ukubuyela kwezamankomane umshayisibhakela wase-Eastern Cape, uLwandile “Angel” Sityata, oxakwe wubunzima bokufesa.
USityata owayengumpetha we-International Boxing Organisation (IBO) super flyweight ne-World Boxing Organisation (WBO) International bantamweight umemezele ukuthi useyasiyeka isibhakela ngo-2015 ekhala ngokukweletwa imali ngupromotha wakhe u-Ayanda Matiti weXaba Promotions and Events.
Lokhu kwenzeke emuva kokuwina ibhande le-WBO International ehlula u-Ernesto “Chocolate” Saulong wasePhilippines ngoDisemba 2015. Kuthiwa uSityata useqhubeka nezifundo zakhe.
Emasontweni edlule kusabalale ukuthi uSityata usenqume ukuqhubeka nesibhakela. Usejoyine ijimu iHotbox kaColin Nathan eGauteng. NgeSonto uSityata uhlule uCleutus Mbhele empini yemizuliswano ewu10 e-East London.
Ejimini kaNathan, uSityata, uziqeqesha nabashayisibhakela abasezingeni eliphezulu okukhona kubo uMoruti “Babyface” Mthalane, Simpiwe Konkco, Hekkie “Hexecutioner” Budler, Ryno Liebenberg, Deejan Kriel nabanye.
“Sengibuyile esibhakeleni, lena bekuyimpi yami yokuqala. Ngiqale ukuziqeqesha kahle ekupheleni kukaFebhuwari,” kusho uSityata.
“Ngikhethe ukubuya ngoba ngibone kunzima ukuntunta ne-CV ngifuna umsebenzi. Awutholakali ekubeni kufanele ngiphile. Ngihlale phansi ngabheka abaqeqeshi engingasebenza nabo, ngabona kungcono ngiye kuColin. Ungumqeqeshi ozimiselayo nozinikelayo entweni ayenzayo. Bekubalulekile kimina ukuthi ngijoyine ijimu enabantu abafuna ukuya phambili.”
USityata usheshe wacacisa ukuthi ubuyele ukuzowina izicoco zomhlaba. Uphothule iziqu zeDiploma kuTourism. USityata uqale isibhakela ngo-2007. Nokho uphazamisekile ngesikhathi eboshelwa ukuphanga, wabhadla ejele iminyaka emibili. Uwine ibhande le-SA flyweight ngo-2012 ehlula uDoctor Ntsele.