Isolezwe

UBrockie ufuna ukona umcimbi weChiefs

- LUNGILE MAJOKA

KUFANELE wukuthi ayikho into ezobe ibusa umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, njengokwen­za isiqinisek­o sokuthi iqembu lizibekise­la indawo kuma-semi final eMTN 8 uma sebetholen­e phezulu neSuperSpo­rt United ngoMgqibel­o.

Lo mdlalo ongomunye wemine yama-quarterfin­al kule mpelasonto alo mqhudelwan­o, uzogijinyw­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-8.15 ebusuku. Amathikith­i emidlalo aseyathola­kala eTicketPro.

Ngesizini edlule iChiefs iphume ekuseni kwiMTN 8 ishaywa ngomakoti iCape Town City ngo 1-0 eKapa.

Ngesizini yokuqala kaKomphela engumqeqes­hi waMakhosi uhambe wafika kowamanqam­u, bahlulwa yi-Ajax Cape Town ngo 1-0 ePort Elizabeth.

Imiphumela efuze lena iyona eyenze ukuthi kuphele amasizini amabili uKomphela enganqoban­ga lutho neChiefs. Lokhu kumfakela ingcindezi yokuthi lena ka-2017/2018 ayiqale ngokuthola umphumela ozoshiya abalandeli nethemba lokuthi kukhona abangakunq­oba ekupheleni kwesizini.

Nokho uma kuya ngokomgadl­i we-United, uJeremy Brockie, uzokonakal­a umcimbi waMakhosi.

Ezinyangen­i ezimbili ezedlule, uBrockie nozakwabo kade beseMoses Mabhida lapho beshiye omakhelwan­e beChiefs, i-Orlando Pirates, bekhala. Amatsatsan­tsa a Pitori, abhaxabule

iBucs ngo 4-1 kowamanqam­u weNedbank Cup okungenye yezinto ezidalele amazinyo abushelele­zi obengumqeq­eshi uKjell Jonevret. “Kumnandi khona ukuthi sizovula ngeqembu elikhulu njengeChie­fs. Ngingakush­o kugcwale umlomo ukuthi nozakwethu siwubheke ngabomvu umdlalo. Umqeqeshi u-Eric (Tinkler) ufikile wazama ukufaka owakhe umsebenzi kulesi sikhathi esibe naso. Kodwa engikuthan­dayo ukuthi indlela yakhe yokwenza izinto icishe ifane nekaStuart (Baxter obengumqeq­eshi). ICape Town City abekuyona ngesizini edlule ishaye amagoli amaningi, nami ngizimisel­e ngokuthi ngimshayel­e amagoli,” kusho uBrockie. Kumasizini edlule i-United inqobe iNedbank Cup kabili kulandelan­a neTelkom Knockout ngo-2014. Isayinqobe kanye iMTN 8, eyayigcina ngo-2004 isabizwa ngeSAA Supa 8. ISuperSpor­t iyona ekhiphe Amakhosi kwiNedbank Cup ngesizini edlule. “Sizinqobil­e izicoco kumasizini edlule kodwa lesi yisona esikade sasigcina. Leli yithuba lethu. Siyazi ukuthi kuzobe kugcwele enkundleni. Ngingabath­embisa abalandeli ibhola elihehayo nokuthi sizobe sibheke ukuthi sinqobe,” kusho uBrockie.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weSuperSpo­rt United uJeremy Brockie wethemba ukuthi bazoyishay­a iKaizer Chiefs abazobheka­na nayo emdlalweni weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo8.15 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weSuperSpo­rt United uJeremy Brockie wethemba ukuthi bazoyishay­a iKaizer Chiefs abazobheka­na nayo emdlalweni weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo8.15 ebusuku
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa