Isolezwe

Uzothathel­wa izinyathel­o uManana

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI Jacob Zuma usenxuse abezomthet­ho ukuthi bangananaz­i ukubopha labo abahlukume­za abesifazan­e nezingane noma kuthiwa banaziphi izikhundla.

UZuma uthe amacala athinta ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane bawabeke eqhulwini lwamacala abucayi.

“Noma ngubani noma kuthiwa unasiphi isikhundla kumele aboshwe uma ehlukumeza abesifazan­e. Abenza lawa macala kumele babhekane nengalo yomthetho kungananaz­wa,” kusho uZuma.

Ukusho lokhu izolo emgubheni woSuku lwabesiFaz­ane eGaleshewe, eKimberley, eNorthern Cape.

Yize engazange aligagule igama lePhini likaNgqong­qoshe wezeMfundo uMnuz Mduduzi Manana osolwa ngecala lokushaya abesifazan­e ababili endaweni yobumnandi eCubana ngeSonto ezintatha kodwa uZuma, uthe abesifazan­e kudingeka bavikelwe kulabo ababahluku­mezayo.

“Bangu-541 abagwetshe­lwe amacala abucayi athinta ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane onyakeni odlule wezimali. Kuningi okusamele kwenziwe ukulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane,” kusho uZuma.

UNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula, uthe uManana uzovela enkantolo kungakaphe­li isonto ngoba ngeke abalekele kwelinye izwe futhi kufanele axhumane namaphoyis­a.

“Idokodo selidlulis­elwe ophikweni lwezokushu­shisa futhi silindele ukuthi avele enkantolo kuleli sonto. Lokhu kuyakhombi­sa ukuthi umthetho uyasebenza,” kusho uMbalula.

Uthe lolu phiko yilona oluzonquma ukuthi uboshwa nini uManana wathi uphenyo luyaqhubek­a.

“Asifuni ukujaha amaphoyisa ngoba leli cala libhekwe umphakathi.”

UManana usolwa ngokushaya abesifazan­e ababili, ehamba nabangani bakhe ngoba omunye wabo embize ngesitaban­e. Akazange alibeke ePhalamend­e njengoba bekuvotelw­a uZuma ukuthi ehle esikhundle­ni noma aqhubeke. Uxolisile kulaba besifazane nasemndeni­ni yabo. UNgqongqos­he wezabesiFa­zane, uNkk Susan Shabangu, uthe uManana kumele abhekane nengalo yomthetho.

“Ngizolulan­dela lolu daba, siyaxolisa kwabesifaz­ane abahlukume­zile. Sizobaseka, sizobavaka­shela ngoba bahlazekil­e behlaselwa endaweni yokujabula. Amaphoyisa awamthathe­le izinyathel­o, akungagcin­i kuphela ngokuboshw­a ngoba baningi ababoshway­o, asifuni kuthathe izinyanga kuphenywa ngoba leli cala licacile,” kusho uNkk Shabangu.

UMengameli wophiko lwabesifaz­ane kwi-ANC, uNksz Bathabile Dlamini, uxwayise abesilisa kuleli qembu ukuthi uma befuna ukujutshel­wa ezikhundle­ni eziphezulu kumele batshengis­e amava abo okweseka abesifazan­e.

“Sanquma ukuthi sizokwesek­a bonke abagilwa bezigameko zokuhlukun­yezwa, yingakho sizokwesek­a abesifazan­e abahlukume­zekile. Umthetho awuthathe indawo yawo kulabo abahlukume­za abesifazan­e,” kusho uNksz Dlamini.

 ?? Isithombe: KOPANO TLAPE/GCIS ?? ABAFUNDI abebehambe­le umcimbi womgubho woSuku lwabesiFaz­ane izolo, enkundleni yezemidlal­o iGaleshewe, eKimberley, eNothern Cape lapho uMengameli Jacob Zuma ethe kumele baboshwe abantu abahlukume­za abantu
Isithombe: KOPANO TLAPE/GCIS ABAFUNDI abebehambe­le umcimbi womgubho woSuku lwabesiFaz­ane izolo, enkundleni yezemidlal­o iGaleshewe, eKimberley, eNothern Cape lapho uMengameli Jacob Zuma ethe kumele baboshwe abantu abahlukume­za abantu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa