Isolezwe

Ziyaveva izitabane ngenkulumo kaNala

- ZANELE MTHETHWA

ZIYAVEVA izitabane ngenkulumo kaDkt Hamilton Nala ayenze esontweni lakhe ngoLwesihl­anu olwedlule lapho ethe seziningi asezilaphi­le esebenzisa amanzi akhe.

izitabane ezicasulwe yile nkulumo sezisabise ngokuyisa uDkt Nala enkantolo.

UNala ozibiza ngenkosi yesizwe soMnala, ukusho lokhu eqopha iCD neDVD yeTehillah Songs esontweni lakhe kuGale Street, eThekwini.

Ubencoma amanzi akhe abizwa ngeFaith Water, athe ayasebenza, asesize nokuguqula abebeyizit­abane. UMnuz Sbo Khumalo okhulumela iDurban Lesbian and Gay Community and Health Centre, uthe banengekil­e yile nkulumo kaNala ezofaka umqondo omubi kubazali abanezinga­ne eziyizitab­ane.

“Sizoya esontweni lakhe siyoqhinqa, sikhangeze amanzi angcwele lawa athi ulapha ngawo izitabane. Sifuna aveze athi usebalaphi­le, esingazi noma babeyizita­bane ngempela yini. Ubutabane abusona isifo kodwa uzalwa nabo, kungenzeka ukuthi akhuluma ngabo babezigang­ela nje,” kusho uKhumalo.

Uthe kuyimanje babhala incwadi abazoyifak­a eNkantolo yezokuLing­ana, bafake isikhalo ngoba okwenziwa uNala kukhombisa ukucwasa nokwehlisa isithunzi.

“Okusikhath­azayo wukuthi abanye abantu bayakukhol­wa okushiwo ngabaholi, akumele bona badukise abantu ngezitatim­ende zabo. Sehliswe isithunzi ngalesi sitatimend­e,” kusho uKhumalo.

Enkulumwen­i yakhe uNala uthe, “Baningi abebeyizit­abane asebesindi­le ngenxa yeFaith Water. Kumanje bashadile banemizi basindiswe iyona. Uma uthanda ukuba yisitabane qhubeka nakho kodwa ngiyakutsh­ela, iyabukhiph­a ubutabane ibulahle le kude.

Okhulumela iNala Mandate uPastor Favour Mabaso, uthe inkulumo kaNala ibiveza akholelwa kukho nesizwe sakhe. Uthe abananking­a nabantu abazikheth­ela ukuba yizitabane kodwa abakuvumel­i ebandleni labo.

“Esontweni sisiza ukukhipha umoya okumuntu. Sikholwa wukuthi ubutabane, wumoya ongena kumuntu njengotshw­ala, uma kuthandazw­a kusuke kukhishwa lowo moya. Abekhuluma ngabo singabavez­a ngoba nenkosi ibithathel­a ebufakazin­i obenziwe yibona,” Kusho uMabaso.

Uthe inkulumo kaNala iyakhombis­a ukuthi uyakuqonda ukuthi ukuphila nobutabane wukuzikhet­hela njengoba eshilo ukuthi abafuna ukuba yizitabane abaqhubeke nakho. UMabaso ugcizelele ukuthi amanzi nomkhuleko kaNala awelaphi ubutabane kodwa kukhululwa umuntu emoyeni omngenile, okuyinto abasamile kuyona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa