Isolezwe

Kukhona okusina kuyijeqeza i-ANC ngo-2019

-

SEKUWUMLAN­DO ukuthi iphinde yabhuntsha imizamo yokuketula uMengameli Jacob Zuma njengoba amaqembu aphikisayo ephinde akhala ngaphansi emva kokuthi kuvotelwe ukuthi isiphakami­so sokuthi awasabathe­mbi ubuholi bukaZuma ngoLwesibi­li.

Besekungok­wesishiyag­alombili amaqembu aphikisayo ezama ukukhipha uZuma ngale ndlela kanti kulokhu kwale kancane ukuthi aphumelele njengoba ehlulwe ngamavoti awu-21.

Kunamalung­u ePhalamend­e e-ANC awu-26 avote namaqembu aphikisayo nokuyinto eshintsha izinto kakhulu kwezepolit­iki futhi eqinisekis­a ukuthi uqhekeko lukhulu kangakanan­i eqenjini elibusayo.

Yebo i-ANC iyabhiyoza futhi iyajabula ukuthi uZuma usengumeng­ameli wezwe kodwa cishe uma isivalelen­e yodwa ishaywa uvalo ngoba imiphumela yevoti icacisa ngokusobal­a ukuthi ngeke isazishaya isifuba ngamalungu ayo ePhalamend­e ngoba sinyukile isibalo salawo okucacayo ukuthi awasamfuni uMengameli.

Kwakona ukuthi uSomlomo avumele ukuthi ivoti libe yimfihlo kusho khona ukuthi i-ANC ngeke isathembel­a ekuthenini uSihlalo wayo uyohlale ehambisana nayo njengoba ebevame ukwenza eminyakeni edlule.

Ngokuvumel­a ivoti libe yimfihlo, uNksz Baleka Mbete uwushaye indiva umyalelo wenhlangan­o yakhe futhi kucacile ukuthi uthi azilime ziye etsheni manje phakathi kwakhe noZuma osekubona nengane encane ukuthi kusho ayisahoshe­lani.

I-ANC kudala yayeka ukukhathal­ela abantu baseNingiz­imu Afrika, iyasho nje ngomlomo kodwa izenzo zayo zikhombisa okunye yingakho nje namanje into egxile kuyo kakhulu yizimpi zayo zangaphaka­thi kunokusebe­nzela abantu.

Lezi zimpi zokuphatha ezilokhu ziqhubeka njengoba belwela ingqungqut­hela yobuholi engoDisemb­a zisho ukuthi kusazokona­kala kakhulu kanti nezimfuno zabantu yinto enganakiwe nokusho ukuthi kukhona nomonakalo owenzekayo njengoba kubhekwe nasokhethw­eni luka-2019.

Umphumela wevoti langoLwesi­bili unikeze i-ANC elinye ithuba lokuthi izinuke amakhwapha ngoba kukhona okusina kuyijeqeza ngo-2019.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa