Kukhona okusina kuyijeqeza i-ANC ngo-2019
SEKUWUMLANDO ukuthi iphinde yabhuntsha imizamo yokuketula uMengameli Jacob Zuma njengoba amaqembu aphikisayo ephinde akhala ngaphansi emva kokuthi kuvotelwe ukuthi isiphakamiso sokuthi awasabathembi ubuholi bukaZuma ngoLwesibili.
Besekungokwesishiyagalombili amaqembu aphikisayo ezama ukukhipha uZuma ngale ndlela kanti kulokhu kwale kancane ukuthi aphumelele njengoba ehlulwe ngamavoti awu-21.
Kunamalungu ePhalamende e-ANC awu-26 avote namaqembu aphikisayo nokuyinto eshintsha izinto kakhulu kwezepolitiki futhi eqinisekisa ukuthi uqhekeko lukhulu kangakanani eqenjini elibusayo.
Yebo i-ANC iyabhiyoza futhi iyajabula ukuthi uZuma usengumengameli wezwe kodwa cishe uma isivalelene yodwa ishaywa uvalo ngoba imiphumela yevoti icacisa ngokusobala ukuthi ngeke isazishaya isifuba ngamalungu ayo ePhalamende ngoba sinyukile isibalo salawo okucacayo ukuthi awasamfuni uMengameli.
Kwakona ukuthi uSomlomo avumele ukuthi ivoti libe yimfihlo kusho khona ukuthi i-ANC ngeke isathembela ekuthenini uSihlalo wayo uyohlale ehambisana nayo njengoba ebevame ukwenza eminyakeni edlule.
Ngokuvumela ivoti libe yimfihlo, uNksz Baleka Mbete uwushaye indiva umyalelo wenhlangano yakhe futhi kucacile ukuthi uthi azilime ziye etsheni manje phakathi kwakhe noZuma osekubona nengane encane ukuthi kusho ayisahoshelani.
I-ANC kudala yayeka ukukhathalela abantu baseNingizimu Afrika, iyasho nje ngomlomo kodwa izenzo zayo zikhombisa okunye yingakho nje namanje into egxile kuyo kakhulu yizimpi zayo zangaphakathi kunokusebenzela abantu.
Lezi zimpi zokuphatha ezilokhu ziqhubeka njengoba belwela ingqungquthela yobuholi engoDisemba zisho ukuthi kusazokonakala kakhulu kanti nezimfuno zabantu yinto enganakiwe nokusho ukuthi kukhona nomonakalo owenzekayo njengoba kubhekwe nasokhethweni luka-2019.
Umphumela wevoti langoLwesibili unikeze i-ANC elinye ithuba lokuthi izinuke amakhwapha ngoba kukhona okusina kuyijeqeza ngo-2019.