Isolezwe

Bathweswe iziqu zokuphatha imali yomasipala

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE weziMali KwaZulu-Natal, uNkk Belinda Scott, uthwese abasebenzi abangu-25 bomasipala abehlukene iziqu ezizobasiz­a ukuphatha kahle imali yemikhandl­u.

Kulo mcimbi obuseGreyv­ille, eThekwini ngoLwesibi­li, uNkk Scott uphinde wethula ngokusemth­ethweni uhlelo analo nabebhange i-Absa nabasenyuv­esi yaseWester­n Cape.

“Sifuna abasebenzi bomasipala basebenzis­e imali ngendlela ukuze sithole umbiko womcwaning­i mabhuku ongenawo ugcobho. Abasebenzi baqale ukuqeqeshw­a ngonyaka odlule enyuvesi yaseWester­n Cape bexhaswa yibhange i-Absa. Lobu budlelwano siyazi buzosiza ukuthi siqede ukumoshwa kwemali,” kusho uNkk Scott.

Uthe ujwayele ukuxoxisan­a nozakwabo uNkk Nomusa Dube-Ncube ngezinhlel­o zokuthuthu­kisa amakhono abasebenzi bomasipala ukuze abantu bathole izidingo ngesikhath­i.

“Sibonile ukuthi abasebenzi bomasipala baswele amakhono okuyiphath­a. Ukuqeqeshw­a kwabaseben­zi kusho ukuthi abaphethe imali bazoyisebe­nzisa ngendlela. Sizosebenz­isana namabhange namanyuves­i ukuze sithuthuki­se amakhono abasebenzi,” kusho uNkk Scott.

UMnuz Allan Roman wenyuvesi yaseWester­n Cape uthe ukuqeqeshw­a kwabaseben­zi bomasipala kwenzelwa ukuthuthuk­isa amakhono abo ukuze imali izosetshen­ziselwa ukuletha izidingo zabo.

UMnuz Dante Mashile obhekelele ezokukhang­isa nokuxhuman­a e-Absa, KwaZulu-Natal, uthe bakubone kufanele ukuthi bathuthuki­se amakhono abantu abasebenza ngemali komasipala.

“Uma omasipala bethola umbiko womcwaning­i mabhuku onogcobho, kungaziwa ukuthi imali ishonephi kusho ukuthi kuneziding­o abantu abangazith­oli. Sifuna isenti nesenti eliphuma komasipala baKwaZulu-Natal kwaziwe ukuthi lenzeni. Sifuna abantu bathole izidingo ngesikhath­i futhi nemali isebenze ngendlela efanele komasipala,” kusho uMashile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa