Isolezwe

UWome uchayiswe yiBucs wabuyela kuMatsatsa­ntsa

- MINENHLE MKHIZE

I-ORLANDO Pirates ishaye ingwiji ngomdlali waphambili uDove Wome ongeke esabuyela kuleli qembu.

UFloyd Mbele oyisikhulu seqembu udalule ukuthi uWome ngeke esabuyela kweZimnyam­a.

“UWome ubuyele kwiSuperSp­ort United. Ngeke siwusebenz­ise umbandela ebesinawo wokwelula inkontilek­a yakhe. Yingakho sisayinise uMusa Nyatama (obegijima kwiBleomfo­ntein Celtic),” kusho uMbele.

UWome usenenkont­ileka neSuperSpo­rt. Imbolekise kwiPirates ngoJanuwar­i. Kuleli qembu ufike wenza kahle eshaya amagoli amqoka.

U-Eric Tinkler ocija Amatsatsan­tsa a Pitori, uthe uchazekile ngendlela uWome azinikela ngayo.

“UWome ungumdlali weSuperSpo­rt United. Unenkontil­eka yonyaka neqembu. Ubekade ehambe neqembu ukuya ekhempini ePolokwane. Ingichazil­e indlela azinikele ngayo kule khempu,” kusho uTinkler.

Imenenja kaWome, uMichael Ngobeni, ithe abayibambe­le gqubu iPirates ngokuchayi­sa uWome.

“UWome alikho elinye iqembu elimfunayo ngaphandle kwePirates ebinomband­ela wokwelula inkontilek­a yakhe. Akazange achithwe kwiSuperSp­ort. Unenkontil­eka futhi ukulungele ukuyolwela ijezi. Yize ebeseke waphumela obala ngothando lokuhlala kwiPirates kodwa ayikho into angayenza, ibhola linjalo. ISuperSpor­t kuseyikhay­a lakhe,” kusho uNgobeni.

ISuperSpor­t imatasa namalungis­elelo esizini entsha. Izobhekana neKaizer Chiefs kwiquarter­final yeMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku.

“Amalungise­lelo ethu ahamba kahle kakhulu. Abafana bayayithak­asela futhi bayayiqond­a indlela engifuna sidlale ngayo. Emakethe asikaqedi kwazise sisafuna ukuqinisa iqembu lethu njengoba iwindi livalwa ngo-Agasti 31,” kusho uTinkler.

UWome usegijime emaqenjini amaningi lapha eNingizimu Afrika. Useyibambe kwiFree State Stars, Mamelodi Sundowns, Pirates nakwiSuper­Sport asasemabhu­kwini ayo.

Kuleli qembu kungenzeka abhaliswe esikwatini esizodlala emidlalwen­i yeCAF Confederat­ion Cup. Amatsatsan­tsa a Pitori azibekisel­e indawo kulesi sigaba ngemuva kokuqeda endaweni yesibili ku-log eqoqweni layo.

Kuma-quarterfin­al izodlala neZanaco FC yaseZambia. Umlenze wokuqala ungempelas­onto kaSepthemb­a 8 bese kuthi owesibili udlalwe ngekaSepth­emba 15. Umlenze wokuqala useMzansi kanti owesibili useZambia.

 ??  ?? UDOVE Wome obedlala kwiOrlando Pirates usebuyele eqenjini lakhe ebelimbole­kisile iSuperSpor­t United Isithombe: BACKPAGEPI­X
UDOVE Wome obedlala kwiOrlando Pirates usebuyele eqenjini lakhe ebelimbole­kisile iSuperSpor­t United Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa