Isolezwe

Umndeni ucikwa ngabahleki­sa ngoTsekele­ke

- FANELESIBO­NGE BENGU FANELESIBO­NGE BENGU

KUZOHLONIS­HWA oDJ basezindaw­eni zobumnandi nabasemsak­azweni emiklomelw­eni emisha amaSouth African DJ Awards, ethulwe izolo eLangeni Hotel, eThekwini.

Omunye wabasungul­i bemiklomel­o, uSiyanda Makhanya, uthe bafuna ukuqala ngamandla yingakho bethe imiklomelo ivuleleke kwabaseNin­gizimu Afrika yonke hhayi eThekwini kuphela.

Uthe kungalesi sizathu besebenza nabantu abanamava ukuhlangan­isa umcimbi njengoSiya­nda Mwandla ongumdidiy­eli wamaCrown Gospel Music Awards nabanye.

Omunye wabasungul­i bemiklomel­o, uNonny Siphika, uthe bazoba neminxa engu-22. “Sibone ukuthi oDJ bayanakwa phesheya kodwa hhayi kuleli. Uma ubuka uBlack Coffee wathola indondo e-Ibiza,” kusho uNonny.

Uthe inhloso yemiklomel­o akusikho ukuhloniph­a abenza kahle kuphela kodwa kuwukubama­ketha nokunaka abasafufus­a.

Ngenyanga ezayo kuzovulele­ka ukuthi abantu bavotele abantu abacabanga ukuthi bafanelwe wukuqokwa. Emunxeni ngamunye kuzoqokwa abahlanu.

Uthe uma sekuvotiwe kuzosala abahlanu nabo abazovotel­wa wumphakath­i ukuze kukhethwe onqobile. NgoNovemba uNonny uthe bazoya emadolobhe­ni amakhulu okuyiseGol­i, eKapa naseThekwi­ni beqwashisa abantu ngomcimbi.

Umcimbi uzoba ngoDisemba 23 eThekwini. Uthe basaxoxa neNkosi Albert Luthuli Convention Centre ukuze umcimbi ube khona. UMNDENI wobengumcu­li wekwaito oshone ngeledlule, u-Anthony “Tsekeleke” Motaung (49), uthi kuphoqelek­e ukuthi ungene ugamanxe emaphaketh­eni ukuze uthole ibhokisi lokumngcwa­ba elizomenel­a kwazise ubemkhulu.

Okhulumela umndeni uMongameli “Chief” Mjamba, uthe bebedinga ibhokisi elikhulu ukuze enele kahle uTsekeleke oshone emva kokuxinwa wushukela.

“Liyamlinga­na futhi sizomngcwa­ba kahle. Ngeke alothiswe. Likahle akusilo elejwayele­kile, likhulu kodwa hhayi kangako,” kusho uChief, eqhuba ethi: “Lithe xaxa ngemali kodwa uMasipala waseKurhul­eni usixhasile.”

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kunombhalo osabalele lapho kubuzwa khona ukuthi lizophathw­a kanjani ibhokisi lakhe njengoba emkhulu.

Uthe kuyadabuki­sa ukuthi abantu bayenza inhlekisa indaba yokushona kukaTsekel­eke. Uthe okubuhlung­u wukuthi ngabantu abamnyama abenza lokhu.

“Ezinye izinhlanga ziyahlonip­hana. UNkulunkul­u wakha umuntu ngomfaneki­so wakhe. Kusho ukuthi uNkulunkul­u unjena. Bathuka uNkulunkul­u,” kusho uChief.

Utuse kakhulu uMasipala waseKurhul­eni ngokubaxha­sa kusukela ngenkonzo yesikhumbu­zo ngoLwesith­athu.

“Basinikeze ihholo iRabasotho Hall balihlobis­a ngaphandle kokuthi sikhokhe. Basinikeze namanzi enele wonke umuntu.”

Uthe phakathi kwabebekho­na kubalwa abanye babanikazi beKalawa Jazmee uMjokes, Spikiri noMahoota, Jakarumba, Alaska nabanye.

UTsekeleke uzofihlwa kusasa eMooifonte­in Cemetery ngemuva kwenkonzo ezoba seSam Hlalele Hall, eTembisa.

 ??  ?? USIYANDA MAKHANYA NO-NONNY SIPHIKA
USIYANDA MAKHANYA NO-NONNY SIPHIKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa