Isolezwe

‘Sineqhinga lokuwina kule sizini’

- ZAKHELE XABA

UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ukholwa wukuthi umfutho nokuziboph­ezela kwabadlali kuzolisebe­nzela leli qembu ngesizini ka-2017/2018.

Amakhosi aseqede amasizini amabili engawini neyokubika indebe ngaphansi komqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela. Lokhu kuholele ekutheni abalandeli bangajabul­i. Nakuba iminwe ikhomba kuKomphela kodwa kukhona abebeyibhe­kisa kubadlali ngokungazi­nikeli ngokwanele. UKhune uthe ukusukuma kwabaphath­i besayinisa abadlali, ikakhuluka­zi abasemuva, kuwumyalez­o wokuthi kule sizini wonke umuntu othola ithuba lokudlala kufanele alwele ukungayide­deli indawo yakhe. IChiefs izobhekana neSuperSpo­rt United koweMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-8.15 ebusuku.

“Kule sizini sinendlela ehlukile esizokwenz­a ngayo izinto neqhinga lokuwina imidlalo nezindebe. Kufanele siwasebenz­ise amathuba esiwathola­yo. Sidlala kahle siyiqembu kodwa siphisana ngamagoli. Lokho kuzoshints­ha kule sizini,” kusho uKhune.

“Ukuthi iqembu lisayinise abadlali basemuva kusho ukuthi umuntu kufanele azimisele. Sizokwazi ukuthi uma uthola ithuba kufanele usebenze ukuze ingakuphun­yuki indawo yakho esikimini. Ingcindezi ayikho kumqeqeshi kuphela kodwa nakithina njengabadl­ali ngoba yena akangeni enkundleni,” kusho uKhune.

Uthe ngesizini edlule abanye abadlali bebenethez­ekile ngoba bebazi ukuthi bazodlala ngenxa yokuthi umbango wezindawo ubungashub­ile. IChiefs isayinise uTeenage Hadebe waseZimbab­we, Philani Zulu noBhongole­thu Jayiya. UHadebe kuthiwa ulimele iqakala nokuzokwen­za ukuthi angabonaka­li kwiChiefs emidlalwen­i yokuqala yesizini. Ngesizini edlule iSuperSpor­t ikhiphe iChiefs kwiNedbank Cup. “Kuhlale kukuhle ukuba nabadlali abathathu ababanga indawo eqenjini. Ngesizini edlule besingenak­ho lokho. Abanye bethu bebenethez­ekile ngoba sazi ukuthi awushubile umbango wejezi,” kusho uKhune.

“Ngiyazi ukuthi ngesikhath­i sivala ngesizini edlule imimoya ibiphansi, sibona sengathi akusifanel­e ukudlalela iChiefs. Sihlangani­le singabadla­li sazibekela esifuna kushaye uDisemba sesikuzuzi­le. Siyazi ukuthi sizobhekan­a neSuperSpo­rt okunzima ukuyihlula. Kodwa kule sizini sizobuya ngomfutho. Abalandeli bethu bazoyigcwa­lisa iMabhida futhi asikwazi ukubenzela phansi. Siyazi ukuthi iSuperSpor­t ayizange iphumule kwazise idlala imidlalo yeCaf futhi ivale isizini ngendebe. Kodwa siyilungel­e.”

ISuperSpor­t izoqala impilo entsha ngaphansi komqeqeshi u-Eric Tinkler owine indebe yeTelkom Knockout ngesizini edlule neCape Town City. Uthathe indawo kaStuart Baxter oseqeqesha iBafana Bafana. Amatsantsa­ntsa asesigaben­i sama-quarterfin­al kwiCaf Confederat­ion Cup.

Ukaputeni uDean Furman uthe bahlose ukuqhubeka nempumelel­o yangesizin­i edlule.

“Azikho izinguquko ezinqala ezikhona ngokufika komqeqeshi omusha. Sifuna ukuqhubeka nempumelel­o yesizini edlule lapho siwine khona iNedbank Cup. Sinabadlal­i abasha kodwa ngikholwa wukuthi ngokwezing­a labo sizobanga namaqembu aphezulu nakule sizini. Sidlala imidlalo eminingi kodwa akufanele sikhulume eyokukhath­ala ngoba sisethuben­i lokudlala ama-semi final amabili. Okwamanje sidinga ukugxila emdlalweni weKaizer Chiefs,” kusho uFurman.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ITUMELENG Khune, unozinti weKaizer Chiefs, ukholwa wukuthi umbango wejezi uzokwenza abadlali bazimisele kule sizini entsha yePremier Soccer League
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ITUMELENG Khune, unozinti weKaizer Chiefs, ukholwa wukuthi umbango wejezi uzokwenza abadlali bazimisele kule sizini entsha yePremier Soccer League
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa