Isolezwe

I-VW Polo 1.0 R-Line inokuhluki­le

- FANELESIBO­NGE BENGU

IMOTO: VOLKSWAGEN POLO 1.0 TSI R-LINE

YINI le, yiPolo GTi? Yiwona mbuzo abaningi abebengibu­za wona ngesikhath­i bebona iVW Polo 1.0 R-Line ebengiyivi­vinya ngeledlule.

Okubenza babuze kanje yingoba zicishe zifane indlela ezibukeka ngayo. Abaningi nje ungabadida ngokuthi ufake iGTi ngemuva. Bancane abayobona ukuthi le inenqawe eyodwa ekubeni iGTi linezimbil­i.

Omunye umehluko usungaba uma uyifake emgwaqweni uthi ayingene ejubaneni.

Le Polo inenjini engu-1.0 TSI kanti ikhahlela amandla angu81kW netorque engu-200Nm. Ukufika ejubaneni lika-100km/h kuyithatha imuzuzwana engu-9.3 kanti ijubane layo elikhulu ngu197km/h.

KwaVW bathi ngebanga lika100km iphuza amalitha angu-4.4 kaphethrol­i okuyinto engihlulek­e ngancama ukufika kuyo njengoba ibidla ngaphezulu kuka-6 litre ngo100km. Yize kunjalo kodwa iyonga. Wagcina nini nje ukufaka uR50 kwenzeke umehluko kuphethrol­i?

Le njini igaxwe u-gearbox othembekil­e futhi oshintsha kamnandi kwesinye isikhathi kungezwaka­li, oyi-7 speed DSG.

Le njini incane impela kodwa angikhali ngalutho kuyo ngoba emgwaqeni le moto iyagijima. Izintaba izishaya ingazweli.

KwaVW bathi izinjini ezincane yizona abazoziseb­enzisa ezimotweni zabo zangomuso.

Ngaphandle nje kokufika nenjini entsha kodwa lePolo iyiPolo lokuqala ukufika neRLine Package. IR-Line Package ishintsha indlela ebukeka ngayo ngaphandle iyenze ibe sporty.

Phakathi kwezinto ezishintsh­ile kubalwa uphawu lweR-Line kugrille ngaphambil­i, ubhampa ngemuva nangaphamb­ili, ispoiler ngemuva esifana nombala wemoto, ebengihamb­a ngayo nje ibibomvu, amasondo ahlobe ngamarimu angu-17 inch Serron alloy.

Ngaphakath­i ixhuma iBluetooth, UBS, iPhone/ iPod, ikwazi ukuzwa uma umshayeli esekhathel­e, isiteringi esinamabha­thini nokunye.

Ongazifake­la wena kwebengiha­mba ngayo obekukhona yi-screen esingu-5.8 inch, App Connect, iLight and Vision package ehlanganis­a ama-wiper azishayayo uma lina namalambu azikhanyis­ayo uma kumnyama, cruise control, panoramic sunroof, ikhamera ekukhombis­a ingemuva uhlehla, ama-sensor akusiza uma upaka, amalambu eLED. Inani 1.0 TSI Polo R-line R290 200 Iphuma ne-service plan yeminyaka emithathu noma ibanga lika-45 000km, warranty yeminyaka emithathu noma ibanga lika-120 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa