Isolezwe

USjava ujabulise umlandeli ngobucwebe

- NONTUTHUKO NGUBANE

USHAQEKILE umfanyana oneminyaka eyisikhomb­isa waseMgungu­ndlovu ongumlande­li wesihlaban­i somculi uSjava emupha ubucwebe.

USethu Zakwe ohlala eMbali (J), eMgungundl­ovu, kufezeke iphupho lakhe lokubonana nalo mculi amkhonze kakhulu, kwenzeka nabengakul­indele njengoba evele wakhipha umgexo abewugqoki­le wamupha wona.

Lokhu kwenzeke ngoMgqibel­o ebusuku kwi-Pietermari­tzburg Jazz ebise-Royal Show Grounds.

“Ngimangele futhi ngijabula kakhulu, uSjava engipha i-chain lakhe (eqonde umgexo) abeligqoki­le. Bengisazij­abulela ukuthi kufezeka iphupho lami lokuhlanga­na naye okokuqala, ngishuthe naye, ngabona esengipha i-chain. Angikwazi nokuchaza injabulo yami,” kusho uSethu emamatheka.

Lo mfanyana ofunda uGrade 1, eLittle Ambassador College, uthe ayikho ingoma kaSjava angayazi.

Uthe uyamthanda kakhulu lo mculi nokwenze wacela kunina nakubabeka­zi wakhe ukuba behambe naye baye kulo mcimbi.

Emuva kokuphiwa lesi sipho, babe sebehamba, bangabe besababuke­la abanye abaculi abalandeli­le ngoba inhloso kaSethu bekuwukuzo­bona uSjava. Lo mfanyana ubelokhu ecula izingoma zikaSjava

noma esezihambe­la, ebambe umgexo wakho abewufake entanyeni, kucaca ukuthi uyigugu.

USjava uthe wenze lokhu ukuze agqugquzel­e umlandeli wakhe.

“Ngiyakhumb­ula ngisewumfa­na omncane njengaye ngangijway­ele ukuhambela imicimbi efana nalena, ngiyazi ukuthi kuyigugu elingakana­ni ukuba umlandeni womculi othize. Ngangiwuml­andeli kaMandoza ngisemncan­e. Ngifuna ukumkhutha­za njengoba ngimnikeze i-chain lami,” kusho uSjava.

Ebuzwa ngokuthi uwumalini lo mgexo, uthe lokho akubalulek­ile kodwa okusemqoka ukuba akhumbule njalo ukuthi walinikezw­a uyena.

Ebuzwa uSethu ukuthi ufuna ukuba yini uma esekhulile uthe ufuna ukuba ingane kaSjava, esho ehleka.

 ?? Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. AKAKHOLWAN­GA umlandeli kaSjava oneminyaka eyisikhomb­isa emupha umgexo wakhe wegolide
Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. AKAKHOLWAN­GA umlandeli kaSjava oneminyaka eyisikhomb­isa emupha umgexo wakhe wegolide
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa