Isolezwe

Ugxile emahlayeni epolitiki

- NOKUBONGWA PHENYANE Ebika eGoli

AKABAPHOXA­NGA abalandeli bakhe uTrevor Noah oqhulule amahlaya abegxile kwezepolit­iki ngoMgqibel­o eJoburg Theatre.

Ubuye kuleli ukuzokhumb­uza abalandeli bakhe ukuthi udume ngani emuva kweminyaka emibili ahamba.

UTrevor ungumethul­i wohlelo lwamahlaya olukhulu emhlabeni iThe

eNew York. Amahlaya kaTrevor abegxile kakhulu kokwenzeka ePhalamend­e, ethinta umholi we-EFF uJulius Malema noMengamel­i uJacob Zuma.

Abakade bewuhambel­e bekucaca ukuthi bathokozil­e.

Kwelinye lamahlaya akhe uTrevor uthe ayimphathi kahle indlela umholi we-EFF abukeka ngayo ngemuva kokuncipha.

Uthe njengoba esehlile nje emzimbeni uma esekhuluma akusezwaka­li kahle ngenxa yokuthi usemncane.

Uqhube wathi umzimba ayenawo wawuhambis­ana kahle nezwi lakhe.

Okunye akushilo kwashiya izethameli zijabulile yiziteleka ezithe chithi saka zokuchitha uMengameli ezihlelwa yi-DA.

UTrevor uthe abamhlophe abayeke ukuteleka ngoba abakwazi.

“Uma kutelekwa kudingeka kube nomsindo kubonakale ukuthi abantu banomsindo lokhu abakutelek­elayo bafuna kulungiswe ngokushesh­a. Kodwa engikubona eziteleken­i zabamhloph­e zokukhipha uZuma izalukazi ezintathu zimile zikhathele zithi, uZuma Akahambe,” kusho uTrevor.

Uvale ngokuhleki­sa ngencwadi kaBonang, yize engandanga namaningi kodwa uthe akafuni abantu bakhulume isingisi sikaBonang. Ubonge abantu bakuleli ngokumxhas­a. Uthe ula ekhona ngenxa yoxhaso lwabalande­li bakhe.

Phakathi kosaziwayo abebekhona kubalwa uProverb, Unathi Msengana, Minnie Dlamini nomyeni wakhe uQuinton Jones, Romeo Kumalo, Lira, Zenande Mfeyane nabanye.

Izolo, uTrevor ubehlekisa abantu eThekwini.

 ?? Isithombe: TRACEY ADAMS ?? USOMAHLAYA wakuleli kodwa osezinze e-USA, uTrevor Noah, akaphoxang­a emcimbini wakhe obuseJobur­g Theatre ngoMgqibel­o
Isithombe: TRACEY ADAMS USOMAHLAYA wakuleli kodwa osezinze e-USA, uTrevor Noah, akaphoxang­a emcimbini wakhe obuseJobur­g Theatre ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa