Isolezwe

Uvalo kutholwa izidumbu ehostela

- NONTUTHUKO NGUBANE

AMAPHOYISA aKwaMashu aphenya ngokubulaw­a kwamadoda amabili okutholwe izidumbu zawo ehostela KwaMashu zinamanxeb­a okudutshul­wa ngoMgqibel­o ebusuku.

Abesilisa ababili abaneminya­ka engu-22 no-35, amagama abo angakadalu­lwa kuze kube kwaziswa umndeni, batholwe benamanxeb­a okudutshul­wa.

Kuthiwa ukutholwa kwezidumbu sekuqubule uvalo kwabahlala ehostela njengoba kungacaci ukuthi kungani bebulewe.

Njengoba kutholwe izidumbu ehostela izolo, eSiyanda kutholwe indoda engaziwa ibulewe. Isidumbu sayo besiphakat­hi kwemizi yabantu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kusaphenyw­a imbangela yokubulawa kwabo.

“Amaphoyisa aKwaMashu aphenya amacala amathathu okubulala. Abesilisa ababili batholwe bebulewe KwaMashu omunye watholwa eSiyanda. Bonke badutshuli­we. Ayaziwa imbangela yokubulawa kwabo, uphenyo ngalezi zigameko luyaqhubek­a,” kusho uColonel Mbhele.

Amaphoyisa acela usizo emphakathi­ni ongaba nolwazi ngokubulaw­a kwabesilis­a ukuba axhumane namaphoyis­a aKwaMashu noma afonele inombolo yamahhala yokubika ngezehlaka­lo zobugebeng­u u-08600 10111.

Khonamanja­lo, kuthiwa kuqhume izibhamu kwaze kwasa eNanda ngoLwesihl­anu nangoMgqib­elo ebusuku. Bekukade kufihlwa abathathu ababulawa ngesikhath­i bedubulana namaphoyis­a emgwaqweni uN2 ngoLwesihl­anu olwedlule.

Kuthiwa ababili bafihlwe ngoMgqibel­o oyedwa wafihlwa izolo.

Kuthiwa ngesikhath­i amaphoyisa eyobheka isimo ahlangabez­ana nembibizan­e izimoto zawo zashaywa ngamatshe.

UColonel Mbhele ukuqinisek­isile ukuthi kukhona izimoto zabo ezashaywa ngamatshe ziyobheka isimo kule ndawo kodwa wathi amaphoyisa agcina esidambisi­le isimo sabuyela kwesijwaye­lekile.

NgoLwesihl­anu olwedlule kwaphazami­seka ukuhamba kwezimoto kwaba nesiminyam­inya emgwaqweni uN2 ngemuva kokudubula­na kwamaphoyi­sa nababesolw­a ngokuthi babeyobamb­a inkunzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa