Isolezwe

Bebelungis­elela uMkhosi woMhlanga

- NONTUTHUKO NGUBANE

IZINTOMBI nto bezilungis­elela uMkhosi woMhlanga emcimbini kaNomkhubu­lwane obuKwaMaFu­nze, ngaphandle kwaseMgung­undlovu ngoMgqibel­o.

Izintombi ezilingani­selwa ku-4 000 ezivela kwa-Vulindlela, Mkhambathi­ni naseNadi zihloliwe zenza namanye amalungise­lelo okugcina okuba zihlangany­ele eMkhosini woMhlanga.

UMnuz Mhlonishwa Ngcobo, umhleli womcimbi, uthe izintombi sezikulung­ele ukuya eMhlangeni.

“Umcimbi kuba ngowokugci­na olungisele­la izintombi ukuba ziye eMhlangeni. Sigculisek­ile njengoba izingane zifike ngobuningi bazo. Zingaphezu kuka-4 000 izintombi ezifikile. Izintombi zikubheke ngabomvu ukuya emkhosini. Zonke ezihloliwe kutholwe ukuthi kuhamba kahle kuzo. Okuhle ngalokhu wukuthi zonke izingane ezifikile ziyazithan­dela zona, ayikho ephoqiwe ukuba ihlolwe,” kusho uNgcobo.

Uthe kuNomkhubu­lwane kuba nezigaba eziningi abazenzayo ukulungise­lela uMhlanga.

“NgeSonto eledlule (Agasti 6), izintombi zihlabe izimbuzi ezimbili zibika ngalo mcimbi kaNomkhubu­lwane. Ziye entabeni zenza umkhuleko ofanele. Kule mpelasonto kusukela ngoLwesihl­anu bebenohlel­o lokuzilung­iselela. Namhlanje nje (izolo) izintombi bezihlwaye­la imbewu,” kusho uNgcobo.

Izintombi zithola nethuba lokucula nokugida ukuze zilungisel­ele ukuyoveza ikhono lazo eMhlangeni uma sezibheken­e nezinye zakwezinye izigodi.

Imvunulo ehlukahluk­ene nayo ayisali ngaphandle njengoba izintombi zisuke zikhipha unyawo.

Ngokohlelo loMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal umcimbi woMhlanga uzoba esigodlwen­i KwaNongoma seSilo uGoodwill Zwelithini ngoSepthem­ba 8 kuya ku-10.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa