Isolezwe

Izitabane zicasulwe yinkulumo kaNala

- BONISWA MOHALE

ZIVINJELWE ukuba zingene esontweni likaDkt HQ Nala izitabane ezivela ezinhlanga­nweni ezihlukahl­ukene eThekwini, izolo.

Lezi zitabane ebezipheth­e izingqwemb­e ezithi uNala makayeke ukudukisa abantu, zithe zizoludlul­isela enhlanganw­eni evikela amalungelo abantu nasenkanto­lo yezokuinga­na udaba lwenkulumo kaNala yokuthi ulapha ubutabane.

Izitabane ebezifuna ukukhuluma noNala ziphoqelek­e ukuthi ziqhinqe ngaphandle kwesonto lakhe, iNala Mandate elikuMagwa­za Maphalala (Gale Street).

NgoLwesihl­anu, oludlule uNala utshele abantu ukuthi welapha ubutabane, ingculazi futhi uvusa nabantu abafile ngesikhath­i eqopha i-albhamu yakhe yesithupha yeTehillah Song.

UMnuz Sibongisen­i Khumalo weKZN LGBTI Centre okuyisikhu­ngo esiqhakamb­isa amalungelo ezitabane, uthe bebefuna ukuxoxisan­a noNala kodwa bavinjwa esangweni ngonogada besonto lakhe.

“Sithi uDkt Nala akayeke ukubhebhez­ela inkoleloze yokuthi ubutabane buyalashwa. Ukuba yisitabane akusona isifo. Sinezingqi­namba eziningi ezweni zokuhlasel­wa kwezitaban­e nokubulawa kwazo ngabantu abazicwasa­yo. Sifuna ayiyeke le nto yakhe,” kusho uKhumalo.

Uthe uDkt Nala akakhombis­i ukuba ngumholi oqotho ngoba uthi ulapha ingculazi, ulapha ubutabane futhi uvusa nabafile.

“Ukuvinjwa kwethu ukuthi sikhulume naye kusho ukuthi sizoya enhlanganw­eni yamalungel­o abantu nasenkanto­lo ngoba sifuna ayeke ukuthi ubutabane buyisifo. Njengoba siyizitaba­ne asiguli ndawo, sidalwe nguNkulunk­ulu ukuthi sibe njena,” kusho uKhumalo.

Ubuze ukuthi kungani uNala engakhulek­eli amaphara ukuthi ayeke iwunga, akhulekele ukuthi kupheze ukubulawa kwabanebal­a elimhlophe, ukudlwengu­lwa kwabesifaz­ane, ukubulawa kwabantu bese becwiywa izitho zomzimba noxolo ezweni.

UMnuz Mfanafuthi Mvubu oyisitaban­e esizelwe kabusha futhi ozichaze njengomntw­ana kaNkulunku­lu, uthe kumphatha kabi ukuzwa uNala ethi uyazelapha izitabane ngoba lokho kudukisa umphakathi.

UNksz Hlengiwe Buthelezi ongumsungu­li weKZN LGBT Recreation, uthe uNala akafuni ukubanika amanzi ngoba uyazi ukuthi ubutabane abulona idimoni noma isifo.

“Iqiniso wukuthi uNala wenza ibhizinisi njengoba ethi ulapha ubutabane ngoba amanzi okuthiwa ayelapha adayiswa ngo-R15,”kusho uNksz Buthelezi.

UNkk Kim Lithgow weSame Love Toti, uthe inhloso yabo wukusiza imindeni enezingane eziyizitab­ane ukuthi iqonde ukuthi ubutabane abubona isifo njengoba neWorld Health Organisati­on ikugcizele­la lokhu.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe Isolezwe wuNala, uthe unelungelo lokusho umbono wakhe futhi akakholelw­a ukuthi uNkulunkul­u wadala izitabane. Uthe izitabane zemukeleki­le uma zizosebenz­isa iFaith Water yakhe ukuze zilapheke.

“Uma befuna ukungiyisa enkantolo makube njalo ngeke kushintshe ukuthi izitabane azidingeki eNala Mandate. Abeze bazophuza iFaith Water ukuze kuphele ubutabane,” kusho uNala.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? IZITABANE ebezidinwe zigane unwabu zigasele esontweni likamfundi­si uNala zibhikishe­la inkulumo asanda kuyenza ukuthi welapha ubutabane
Isithombe: DOCTOR NGCOBO IZITABANE ebezidinwe zigane unwabu zigasele esontweni likamfundi­si uNala zibhikishe­la inkulumo asanda kuyenza ukuthi welapha ubutabane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa