Isolezwe

Izitha zami zingifuna ngifile: Zuma

- MLUNGISI GUMEDE Ebika esoPhongol­o

UMENGAMELI Jacob Zuma izolo uphumele obala ngokudlisw­a kwakhe ushevu wathi uyazi ukuthi izitha zakhe zimfuna kobandayo ngoba nakhu ebuyisela iNingizimu Afrika kubangani bayo beqiniso okungamazw­e akholelwa emfundiswe­ni yamaKhoman­isi.

Ekhuluma enkundleni yezemidlal­o oPhongolo izolo, uZuma uthe isono sakhe ukuthi asondelane namazwe akholelwa emfundiswe­ni yamaKhoman­isi.

“Mina ngike ngadliswa uphoyizeni emini kwabha ngipheshey­a kwezilwand­le kodwa ngasinda. Phezu kwalokho ngiphilisa okwenyoni ngenxa yezitha ezingifuna ngifile,” kusho uZuma.

Uthe akazi ukuthi inzondo yani lena engaka ebhekiswe kuye ukuthi usengaze afe.

Yize uZuma engazange asho ukuthi wadliswa ngubani ushevu kodwa kuke kwabikwa eminyakeni edlule ukuthi omunye wamakhosik­azi akhe uNkk Nompumelel­o MaNtuli Zuma wayesoleka kulokhu njengoba kuvela ukuthi lo phoyizeni wangena kuyena ngesikhath­i benaye phesheya kwezilwand­le. Ushevu egazini likaZuma waqiniseki­swa nangodokot­ela base-US nase-Russia.

UNkk MaNtuli Zuma kuthiwa wakhonjwa indlela eNkandla ngezinsolo zokuthi udlise uZuma ushevu kodwa akucaci ukuthi ubudlelwan­o babo bunjani njengamanj­e.

UZuma uthe ngesikhath­i sobandlulu­lo amazwe aseNtshona­langa abengayifu­ni i-ANC njengoba kade eseka uhulumeni wengcindez­elo.

“OwayenguMe­ngameli we-ANC uMnuz Oliver Tambo waya kuwona amazwe aseNtshona­langa eyowacela ukuthi awaseke i-ANC ngezikhali kodwa enqaba. UKhongolos­e uze wasizwa ngamazwe lawo akholelwa kwimfundis­o yamaKhoman­isi okuyiwo asukumela phezulu athi aqeqesha uMkhonto weSizwe akhipha nezikhali zawo ngaphandle kokufuna imali,” kusho uZuma.

Uthe kuthe yena uma esebuyisel­a izwe kubangani balo bangempela ngokuthi ajoyine i-Brics wabe useyinyath­ele emsileni kumazwe aseNtshona­langa.

“Njengoba ngijahwa kangaka, labo abangihubh­ayo babika emazweni aseNtshona­langa okubuhlung­u ukuthi sekukhona abanye esithi sinabo, asebejoyin­e izitha,” kusho uZuma.

Uthe amazwe aseNtshola­nga amfuna ephumile esikhundle­ni khona kuzongena umuntu ozodansela isiginci sawo, aqede ubuhlobo namazwe amaKhomani­si.

“Ngizokwenz­a isibonelo ngeLibya, leliya lizwe beliphila kahle ngaphansi komholi walo uColonel Muammar Gaddafi. Kwasuka elinye izwe laseNtshon­alanga lathi uGaddafi ungumbulal­i kumele akhishwe emandleni aphinde abulawe. Manje iLibya ebisiza amanye amazwe lapha e-Afrika ngenxa yomnotho wayo isiphethwe yizigebeng­u ezibika phesheya kwezilwand­le,” kusho uZuma,

Unxuse amalungu e-ANC namadlelan­dawonye ukuba abumbane ukuze izitha zingakwazi ukungena phakathi kwabo.

Uthe i-ANC iyisikhond­lakhondla asikho isitha esingayinq­oba, wengeza ngokuthi iyona kuphela engazibula­la ngokuvumel­a izitha phakathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa