Isolezwe

Umbiko ngo-R1.5m okuthiwa ufunwa abeseka uRamaphosa

- LUYOLO MKENTANE noGEORGE MATLALA

SEKUVELE umbiko oveza ukuthi abeseka iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa bafuna u-R1.5 million ukuqhuba umkhankaso wokumenza uMengameli.

Lo mbiko uvele emuva kwevoti eliyimfihl­o elingaphum­elelanga lokususa uMengameli Jacob Zuma esikhundle­ni sakhe ngesonto elidlule.

Ikhophi yombiko ethunyelel­we i-Independen­t Newspapers iveza ukuthi abantu abahola umkhankaso ngoMnuz Steyn Speed ongumelule­ki kaRamaphos­a, Enoch Godongwana oyiNhloko yezomnotho kwi-ANC, Pat Govender owayeyisik­hulu esiphezulu seNational Prosecutin­g Authority noNksz Marion Sparg owayeyisos­ha loMkhonto weSizwe elabhalela uMengameli Jacob Zuma incwadi limcela ukuba esule esikhundle­ni ngo-2014.

Kuthiwa ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Philly Mapulane, yilona elinguSihl­alo womkhankas­o kaRamaphos­a.

UGodongwan­a uthe ayikho indaba yalo mbiko futhi kukhona abangcolis­a amagama abo ngaphambi kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi ezoba ngoDisemba.

Kuthiwa umengameli Zuma ufuna owayengunk­osikazi wakhe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma angene esikhundle­ni sakhe.

UMapulane ukuphikile ukuthi unguSihlal­o womkhankas­o kaRamaphos­a wathi yena uhambisana nethimba elithi iPhini likaMengam­eli we-ANC kufanele libe ngumengame­li wale nhlangano njengoba kujwayele ukwenzeka kanjalo.

“Selokhu kwaba khona isikhundla sePhini likaMengam­eli yilona elingena esikhundle­ni sikamengam­eli. Akukaze kushintshe, kodwa-ke awulona iqiniso loyo mbiko,” kusho uMapulane.

UMnuz Brian Dube okhulumela uNgqongqos­he wezobuNhlo­li uMnuz David mahlobo uwuchithil­e umbiko wathi unamaphuth­a amaningi akukwazi ukuthi ubungabhal­wa yithimba lezinhloli.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa