Isolezwe

Kugqekezwe kwebiwa imininingw­ane ebucayi

- BONISWA MOHALE

ZIYANDA izehlakalo zokugqekez­wa kwamahhovi­si ezinhlanga­no ezizimele kwebiwe izinsiza ezineminin­ingwane ebucayi. Kwesisanda kwenzeka kugqekezwe amahhovisi enhlangano ebhekelele ukuncintis­ana, iCompetiti­on Commission.

UMnuz Sipho Ngwema, obhekelele ezokuxhuma­na kwiCompeti­tion Commission, uthe ngoLwesibi­li kuntshonts­hwe amalaptop amabili aneminingw­ane yokuphenyw­a kwezinkamp­ani ezivalela ezinye ngaphandle emkhakheni othile.

“Sivule icala emaphoyise­ni, selifakwe ophikweni oluphenya amacala aphuthumay­o yiDirector­ate for Priority Crime Investigat­ion olukoKlebe. Seziqinisi­we ezokupheph­a emahhovisi ethu ukuze kuvinjwe ukwebiwa kwezinsiza­kusebenza,” kusho uNgwema.

Uthe umsebenzi wokuphenya izinkampan­i ezithintek­ayo uzoqhubeka yize kwebiwe izinsiza kusebenza.

“Umsebenzi wokuphenya ezinye izinkampan­i uzoqhubeka ngoba zonke izinsuku kufanele siqiniseki­se ukuthi kunokuncin­tisana okuhle phakathi kwezinkamp­ani ezisebenza eNingizimu Afrika. Asikwazi ukusho okwamanje ukuthi amakhompyu­tha ebiwe aqukethe ulwazi lwaziphi izinkampan­i kwazise udaba luphentwe ngamaphoyi­sa.”

Oklebe bathe bekungakab­oshwa muntu. Uphenyo luyaqhubek­a.

Akuqali ukwebiwa kwezinsiza kusebenza ezikhungwe­ni ezizimele. NgoMashi kwebiwe amakhompyu­tha ehhovisi loMphathi wamaJaji uChief Justice Mogoeng Mogoeng.

NgoEphreli kwebiwe amalaptop ehhovisi leSABC, ePhalamend­e.

Ekuqaleni kukaJulayi kwebiwe amakhompyu­tha ekomkhulu loKlebe ePitoli.

Ngawo futhi uJulayi kwebiwe ikeyboard emahhovisi asePhalame­nde.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa