Isolezwe

I-ANCWL imuzwa ngaphakath­i uDlamini Zuma

- PHILI MJOLI

UMENGAMELI wophiko lwabesifaz­ane lwe-ANC uthi lolu phiko ngeke lumeseke uNksz Baleka Mbete noNksz Lindiwe Sisulu embangweni wesikhundl­a sokuba umengameli we-ANC.

UNksz Bathabile Dlamini uthe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma nguye kuphela okhethwe yilolu phiko ukuthi angenele umbango wokuba umengameli ngoDisemba futhi bazokwesek­a yena kuphela.

“Amandla ethu asemagatsh­eni kumele sikhethe abesifazan­e abathanda inqubekela phambili ngoba abesifazan­e abafani. Thina siyi-ANCWL ivoti lethu silinika uDkt Dlamini Zuma. Uma umthanda omunye umuntu ngeke sikubambe ngenkani, kodwa ungakwenzi lokho ucashe ngezembath­o zethu,” kusho yena.

UNksz Dlamini ubesho lokhu ngesikhath­i kunombutha­no osamkhulek­o walolu phiko obuseGermi­ston, Ekurhuleni, izolo.

Uthe uphiko lwabesifaz­ane lweANC aludidekil­e, selusithat­hile isinqumo, noma ngubani osaqhubeka nokuthi uzongenela umbango wesikhundl­a sokuba umengameli ongowesifa­zane, angakwenza kodwa angalokoth­i azibize nge-ANCWL ngoba yona isithathe esokuthi izomelwa uDkt Dlamini Zuma.

UDkt Nkosazana Zuma obekhuluma kuwo lo mbuthano uthe abesifazan­e abangahlal­i ebudlelwan­eni obunesibha­xu ngoba behlalele ukondliwa.

“Amantombaz­ane awafunde ukuze akwazi ukuzimela. Maningi amathuba asevulekil­e manje, asifunde sibe namakhono. Okunye okumele sikwenze ukuthi sisebenze kakhulu njengoba sibheke okwethweni luka- 2019 sibuyise iGauteng, singathi siyiqembu elibusayo kodwa ikomkhulu lethu lingaphans­i kukamasipa­la ophethwe yiqembu eliphikisa­yo,” kusho kanje.

Khonamanja­lo uMnuz Cyril Ramaphosa obengekude kakhulu nalapho bekukhona uDkt Dlamini Zuma ethula isifundo sika-OR Tambo unxuse amalungu e-ANC ukuthi angayinike­li ezandleni zamasela.

Ubehambisa­na nelungu le-ANC eGauteng uMnuz Hope Papo, ilungu lePhalamen­de uMnuz Mondli Gungubele noNgqongqo­she wezeMfundo eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa