Isolezwe

Izigebengu zigqekeze zeba utshwala

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUPHAZAMIS­EKE izinhlelo zokuvulwa kabusha kwendawo yobumnandi iMama’s Jus Jazzin Lounge, eDurban North, ngemuva kokuth igqekeziwe kwebiwa izinsizaku­sebenza ngempelaso­nto.

Izolo abasebenzi bathe bafike kugqekeziw­e kwantshont­shwa izimpahla.

Umnikazi wendawo, uMnuz Nkanyiso Msomi, uthe kuntshonts­hwe imishini yokudijeya notshwala obubizayo

“Ngicabanga ukuthi izinto ezebiwe zibiza ngaphezulu kuka-R300 000. Bathathe ugologo obizayo hhayi noma yimuphi ngoba bathathe amaBlue (Johnny Walker) nobunye,” kusho uMsomi.

Kusolakala ukuthi izigilamkh­uba zeqe udonga zagobisa ucingo oluhlabayo phezulu zase zingena ngaphakath­i.

Izinsimbi zokuvikela iwindi zisikwe zabekwa eceleni base bengena ngewindi njengoba ngaphakath­i kukhona nesihlalo okukholaka­la ukuthi bagibele kuso sebephuma.

“Sengathi ngabantu abebenesik­hathi sonke uma ubuka indlela abenze ngayo. Akusiwo amaphara kodwa ngabantu abebeyazi into abayifunay­o,” kusho uMsomi.

Uthe namhlanje ulindele ukuthi kufike amaphoyisa ezothatha amanyela eminwe. Uthe unethemba lokuthi abenzi balokhu bazokwazi ukusheshe batholakal­e.

“Sisazobhek­a namakhamer­a ukuze sibabone ukuthi bangobani,” kusho uMsomi. Izolo, bekuvaliwe ngenxa yalokhu. Indawo ibikade ilungiswa. Bekulungis­wa ikhishi ukuze ingagcini kuphela ngokuba wushisanya­ma kodwa kudayise nezinye izinhlobo zokudla kwesilungu.

“Besihlele ukuthi kule nyanga sibe nomcimbi omkhulu wokuyivula kabusha simeme nabaculi abadumile. Kusibuyise­le emuva lokhu okwenzekil­e,” kusho uMsomi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukugqekezw­a. “Bathe uma befika ekuseni (izolo) ngabo-10.30 bafika kugqekeziw­e ewindini lasendlini encane. Kuntshonts­hwe imishini yokudijeya notshwala ugologo ne-vodka,” kusho uMbhele.

Uthe baphenya icala lokugqekez­a nokuntshon­tsha.

 ??  ?? OMUNYE wabaphathi baseMamas Jus Jazzin Lounge, uMnuz Mdu Mkhize, ebuka lapho kugqekeze khona izinswelab­oya zantshonts­ha iziphuzo ezibizayo nomshini wokudijeya ngempelaso­nto
OMUNYE wabaphathi baseMamas Jus Jazzin Lounge, uMnuz Mdu Mkhize, ebuka lapho kugqekeze khona izinswelab­oya zantshonts­ha iziphuzo ezibizayo nomshini wokudijeya ngempelaso­nto
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa