Sizoqina isiteleka sabakwa-10111
BAZOQHUBEKA nokuqinisa isiteleka sabo abasebenzi abaphendula izingcingo emaphoyiseni kuleli sonto.
Lokhu kulandela ukuthi umqashi ehlulekile ukuthola incwadi evimbela abasebenzi bakwa-10111, abangamalungu enyunyana iSouth African Policing Union (SAPU) ukuthi baqhubeke nokuteleka, ngoLwesihlanu.
UMnuz Bongani Mncwango owusihlalo weSapu KwaZulu-Natal, uthe umqashi wehlulekile ukuthola incwadi ebavimbela ukuthi bateleke.
“Kuyacaca ukuthi bekuyindlela yokuphazamisa isiteleka sethu. Umqashi wehlulekile ukuvezela inkantolo yabasebenzi ukuthi yini eyenza ukuthi athi sihlukumeza abanye abasebenzi abangeyona ingxenye yesiteleka. Okwamanje izingxoxo zethu naye zisami kwangqingetshe. Besinomhlangano izolo, sivumelene ukuthi sizosiqinisa kakhulu isiteleka sethu,” kusho yena.
Amaphoyisa abethi abasebenzi ababamba izingcingo ehhovisi lakwa-10111 eliseMidrand baqinise umkhankaso wabo ngokuthi baphonse izinto ezithile ebhilidini balimaza izakhiwo. Lesi siteleka saqala ngoJulayi sabuye samiswa. Siphinde saqala phansi ngo-Agasti. Abasebenzi bafuna ukukhokhelwa ngokulingana nabanye abasebenzi abaphendula izingcingo kwezinye izikhungo zikahulumeni ezifana nakwaSars, eMnyangweni wezaseKhaya neminye. Ngokomqulu kahulumeni, umsebenzi oqashwe ngaphansi komthetho iPublic Servants Act, umsebenzi oku-level 3 uhola imali elinganiselwa ku-R100 000 ngonyaka, oku-level 5, uhola u-R130 000 ngonyaka kanti okulevel 7 uhola u-R180 000. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uMajor-General Sally De Beer, uthe ngeke adalule ukuthi yini eholele ekutheni baye enkantolo futhi ngeke adalule ukuthi izingxoxo nezinyunyana sezihambe zafika kuphi.