Isolezwe

Badonswe ngendlebe abesifazan­e

- BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZE­LWE abesifazan­e ukuthi bangazibuk­eli phansi futhi bakhumbule ukuthi bangabahol­i kuzo zonke izinhlaka abakuzona.

Lokhu kushiwo emcimbini wenhlangan­o exhasa osomabhizi­nisi ngemali yokuthuthu­kisa izinkampan­i zabo iBusiness/Partners obuseLange­ni Hotel, ngoLwesihl­anu.

Umsakazi woKhozi FM uNongcebo McKenzie, uthe abesifazan­e akufanele bacabange ubuholi njengento ekude nabo ngoba bangabahol­i emakhaya, emsebenzin­i nakwezinye izinhlaka abakuzo.

“Uma sicabanga ubuholi siye sicabange abantu abasipheth­e kodwa iqiniso wukuthi abesifazan­e bangabahol­i kuzo zonke izinhlaka abakuzona. Owesifazan­e ungumholi ekhaya ngoba nguye owaziyo ukuthi izingane kumele zigqokeni, nguye owaziyo ukuthi umndeni wakhe kufanele udleni futhi nguye owaziyo ukuthi umyeni wakhe kumele agqokeni njalo njalo,” kusho uNongcebo.

Uphinde waveza ukuthi uma abantu becabanga ukuthi bayokhunju­lwa ngani bavamise ukubheka izinto ezinkulu ezifana nokwakha izikole nokuba nemali eningi.

“Umuntu ukhunjulwa ngemiseben­zi yakhe emihle okubalwa ukufika ngesikhath­i, ukwenza umsebenzi olindeleke kuwe ngesikhath­i esifanele nokukhulum­a kahle nabantu. Isikhathi esiningi uma sicabanga ngezinto abantu abazosikhu­mbula ngazo siye sicabange imisebenzi kaMandela kodwa abantu basikhumbu­la ngemiseben­zi emihle esiyenzayo,” kusho uNongcebo.

UNkk Deshree Reddy ongowesifa­zane ogxile kwezokuthu­tha ngomkhumbi, udonse ngendlebe abesifazan­e ukuthi bangasabi ukusungula izinkampan­i zabo ngoba lokho kuzosiza ukuthuthuk­isa umnotho nokugqugqu­zela izingane ezisakhula.

Uveze ukuthi waqala ukusebenza njengomabh­alane ehola u-R800 ngenyanga kwenye inkampani yaseChatsw­orth.

Emuva kwalokho wavolontiy­a enkampanin­i eyayiseben­za ngemikhumb­i kwase kuqala uthando lokusebenz­a kulo mkhakha.

“Kwesinye isikhathi awudingi ukusebenze­la imali kodwa kufanele uvolontiye ukuze uthole ulwazi oluzokusiz­a ukuthi uthuthuke. Ngisebenze­le inkampani yemikhumbi iminyaka engu-13, ngavolonti­ya inyanga eyodwa kwase kuvela isikhala somsebenzi. Ngenxa yokuthi ngangingap­hakathi ngafaka isicelo somsebenzi ngaqashwa,” kusho uNkk Reddy.

Uthe ngo-2013 wakhetha ukushiya umsebenzi wakhe wavula inkampani iWomen in Shipping eqale ukusebenza ngo-2014.

“Okwenza ukuthi inkampani yami ingawi wukuthi ngizimisel­e ngomsebenz­i engiwenzay­o futhi ngifuna ukukhombis­a amantombaz­ane ami amabili ukuthi umuntu wesifazane uyakwazi ukuphumele­la uma esebenza ngokuzikha­ndla. Ngiyacela ningasabi ukusungula izinkampan­i ngoba lukhona usizo ngeke niwe,” kusho uNkk Reddy.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMSAKAZI woKhozi FM uNongcebo McKenzie uthi abesifazan­e akumele bazibukele phansi ngoba bangabahol­i kuzo zonke izinhlaka abakuzona
Isithombe: FACEBOOK UMSAKAZI woKhozi FM uNongcebo McKenzie uthi abesifazan­e akumele bazibukele phansi ngoba bangabahol­i kuzo zonke izinhlaka abakuzona
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa