Isolezwe

Kwethulwe oweSibaya Samadoda

- BONISWA MOHALE

IZINYANE leSilo uMntwana uNhlangani­so Zulu, lidonse ngendlebe amadoda ukuthi angahlali uma ehlushwa yizifo kodwa aye emtholampi­lo ukuze asheshe athole usizo.

NgoLwesihl­anu, uZulu wethule ngokusemth­ethweni umkhankaso wakhe obizwa ngeSibaya Samadoda ogqugquzel­a amadoda ukuthi asoke futhi avikele abesifazan­e nezingane.

“Ngiqhuba umyalezo weSilo wokuthi amadoda mawasoke ukuze avikele izifo. Ukususa ijwabu kuvikela indoda ezifweni zocansi nowesifaza­ne kumvikela ekutholeni umdlavuza wesibeleth­o,” kusho uZulu.

Uthe njengenxus­a likazwelon­ke lesifo sofuba ne-HIV/Aids ubone kufanele ukuthi ethule umkhankaso weSibaya Samadoda lapho ewagqugquz­ela khona ukuthi akhulume ngezifo zawo ezihlukene.

“Amadoda awasheshi ukusukuma uma egula, ayahlala azibe. Mina ngangiphet­hwe yisifo sofuba ngaze ngakhishwa iphaphu, sengisele nelilodwa. Ngithi amadoda mawasukume asheshe afune usizo ngoba uma uhlala nesifo ungatholi imithi yokuselaph­a siyakubula­la,” kusho uZulu.

Udonse ngendlebe amantombaz­ane ukuthi angavumeli abafana bawenze izimoto zokufundel­a ukushayela ngokuthi balale nawo bengawasha­dile.

“Njengoba ngino-45 ngiqale ukukhuleli­sa umuntu wesifazane ngokami. Ningabavum­eli abafana banisebenz­isele inkanuko. Sifuna ukwehlisa isibalo sabantu abangenwa yigciwane lengculazi KwaZulu-Natal. Ayafa amaZulu ngenxa yengculazi, lo mkhankaso ugqugquzel­a wonke umuntu ukuthi aphile kahle,” kusho uZulu.

Ngamadoda ashaya abesifazan­e, uthe kufanele asuswe emphakathi­ni ngoba KwaZulu uyahlonish­wa umuntu wesifazane yingakho kwavunywa ukuthi izwe libizwe ngelikaMth­aniya okwakuyint­okazi yakwaSibiy­a eyazalwa yiSilo uSenzangak­hona.

UMntwana uNhlangani­so ubehambisa­na nomlingisi odlala indawo kaMangi kwiScandal, uKagiso Medupi naye ohambe emazwini omntwana esho ukuthi amadoda kufanele avikele abesifazan­e.

“Sifuna amadoda kube yiwona ahamba phambili ekuvikelen­i abesifazan­e. Ukusoka kusho ukuthi uyazivikel­a ezifweni kodwa uphinde uqinisekis­e ukuthi unkosikazi wakho noma loyo othandana naye uvikelekil­e kumdlavuza wesibeleth­o. SinoMntwan­a sifuna amakhosika­zi ethu akhulise izingane zethu, aphile kahle ngaphandle kokuhlushw­a yizifo ezilethwa yithi,” kusho uMedupi.

UMnuz Msawenkosi Hadebe obeyingxen­ye yebutho ebelihambi­sana nomntwana uNhlangani­so, uthe bayaweseka lo mkhankaso ngoba uvikela izifo, ufuna amadoda aphile angasabi ukuya emitholamp­ilo.

“Uma umuntu esesokile uyakwazi ukuqhubeka nokujabuli­sa isithandwa sakhe, ngendlela ephephile ngoba kuyagqugqu­zelwa ukuthi kusetshenz­iswe ijazi lomkhwenya­na. Uphinde usifundise ngezifo ezehlukene ezihlasele amadoda, usinike namakhono esiwadinga­yo empilweni,” kusho uHadebe.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UMNUZ Kagiso Medupi noMntwana uNhlangani­so Zulu bakhuthaze amadoda eMarket eThekwini ukuthi ayosokwa ukuze avikele abantu besifazane ezifweni zocansi kanye nokunciphi­sa amathuba engculazi
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UMNUZ Kagiso Medupi noMntwana uNhlangani­so Zulu bakhuthaze amadoda eMarket eThekwini ukuthi ayosokwa ukuze avikele abantu besifazane ezifweni zocansi kanye nokunciphi­sa amathuba engculazi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa