Isolezwe

Lihlehlile elamaphoyi­sa ezinja

- PHILI MJOLI

KULINDELEK­E ukuthi sikhishwe ngoLwesibi­li oluzayo isinqumo ngebheyili yamaphoyis­a ophiko lwezinja aseNtshong­weni asolwa ngokusabis­a abantu okuthiwa ayebalumis­a ngezinja.

OConstable Bhekani Dladla, Sipho Masango noMusawenk­osi Khwela bacele ukukhululw­a ngebheyili ecaleni lokusabisa.

Amaphoyisa asolwa ngokusabis­a uMnuz Mthokozisi Mchunu ngokuthi azomdubula uma engalisuli icala lokumlumis­a ngezinja awavulelel­e lona.

Bobathathu babekwe amacala amathathu, elokushaya ngenhloso yokulimaza, elenkohlak­alo nelokusabi­sa.

Bangaphand­le ngebheyili kwelokusha­ya ngenhloso yokulimaza nelenkohla­kalo.

NgoLwesihl­anu ummeli wabasolwa, uMnuz Tommy Reed, uthe bangamapho­yisa ngeke beqe, baneminden­i abahlala nayo. Uthe kumele kubhekwe nokuthi umsolwa unelungelo lokukhulul­wa ngebheyili uma kungakatho­lakali ukuthi icala ulenzile ngempela yini.

UMshushisi uNdoda Januwari ngakolunye uhlangothi uthe amacala abasolwa ngawo bawenza besemseben­zini. Uphinde wathi leli cala libhekwe kakhulu umphakathi.

Umphenyi wecala, uMnuz Phumlani Ngcobo oyiPrincip­al Investigat­ing Officer kwi-Ipid, ngesikhath­i esebhokisi­ni lofakazi uthe ngesikhath­i ebopha uConstable Khwela wasatshisw­a ngumsolwa nozakwabo ayehamba nabo.

UKhwela waboshwa ezokweseka oDladla noMasango enkantolo.

“UKhwela wathi abantu abaqale le nto banabaqaph­i mina anginabo.

“Ozakwabo ababehamba naye ngesikhath­i ngimbopha enkantolo bangizunge­za bebuzana ukuthi kulindweni, kungani ngingaduts­hulwa ngoba kuyacaca ukuthi kunempi ebhekiswe kulolu phiko,” kusho uNgcobo.

Kule nkantolo kuhlale kunonogada abalawula ukungena kwabantu ngoba bonke abantu basuke befuna ukungena ngaphakath­i.

Imantshi ithe isinqumo izosikhiph­a ngo-Agasti 22.

 ?? Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ?? AKLELISIWE amabhokisi abafundi abahlanu nomsizi womshayeli enkonzeni yomngcwabo ngoMgqibel­o eDalton
Isithombe: MBUYISELO NDLOVU AKLELISIWE amabhokisi abafundi abahlanu nomsizi womshayeli enkonzeni yomngcwabo ngoMgqibel­o eDalton
 ?? Isithombe: NOLUTHANDO MOSIA ?? INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enock Nzama, ithe akugcine ukuklelisw­a kwamabhoki­si abafundi abashone ngengozi
Isithombe: NOLUTHANDO MOSIA INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enock Nzama, ithe akugcine ukuklelisw­a kwamabhoki­si abafundi abashone ngengozi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa