Isolezwe

Uhlule abomndeni owengozi

- NONTUTHUKO NGUBANE

UBEKHUZWA ngokuzipha­tha kabi emgwaqweni wumndeni wakhe umshayeli wetekisi elashayisa­na nenye kwashona kulo abafundi abahlanu eDalton.

Lokhu kushiwo umndeni walo mshayeli enkonzweni yomngcwabo wabayisith­upha abashona enkundleni yemidlalo esikoleni iMakeni, eDalton, ngoMgqibel­o.

Omunye oshone kule ngozi umsizi womshayeli uSandile Ngcobo (15). Abafundi abashonile ngoSenamil­e Ngubane (12), Nosipho Mnyaka (14), Londani Ngubane (12), Mthokozisi Mgube (13) noWendy Zondi (12) abebefunda eMatatane Secondary nase-Cool Air Secondary.

UMnuz Nkosenye Ngubane utshele Isolezwe ukuthi bafe olwembiza njengoba belahlekel­we izingane ezintathu emndenini owodwa, umshayeli oyingane kamfowabo walimala kanzima.

“Kunzima kakhulu futhi namanje siyahlulek­a nokukhulum­a. Emuva kwalo mngcwabo asazi sizoqhubek­a kanjani nempilo. Kushone izingane zodadeweth­u ezimbili neyendodak­azi kadadeweth­u, onina bayakhala. Ingane kamfowethu osashona ebishayela enye itekisi ebisengozi­ni. Lo mfana wathatha ibhizinisi emuva kokushona kukayise. Besihlala ngokumkhuz­a ngokuzipha­tha kabi emgwaqweni manje asazi sizothini nakomakhel­wane ngezingane zabo,” kusho uNgubane.

Uthe ngokwakhe ufisa abomthetho benze umsebenzi wabo ngabashaye­li abathintek­a kule ngozi.

Uthe itekisi ebishayelw­a indodana iyona ebifaka isinkwa ekhaya nokwenza isimo sibe nzima kakhulu.

“Nami ngiyaseben­za ematekisin­i eGreytown kodwa angazi ukuthi lo mdlalo (ichicken) obekuthiwa bebewudlal­a ngamatekis­i owani. Sisadinga incazelo ngokwenzek­a,” kusho uNgubane.

Uxolisile ngale ngozi, ikakhuluka­zi komakhelwa­ne nathi kunzima nokubabhek­a ngenxa yesimo.

Isikhulu soMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Sibusiso Gumbi, sithe uphenyo yilona oluzoholel­a ekuboshwen­i kwabantu ngale ngozi.

“UNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, ujube ithimba elizopheny­a ngale ngozi. Uma uphenyo seluphothu­liwe sizobopha abathintek­ayo. Okusavelil­e ukuthi kukhona ijubane elibe khona kule ngozi. Sifuna nokubheka ukuthi bebenazo yini izimfanelo zokushayel­a, nezimvume zokuthutha abantu,” kusho uGumbi.

Isolezwe lithole ukuthi omunye umshayeli kusolwa ukuthi akanazo nezincwadi zokushayel­a kanti usedle phansi emuva kokuphuma esibhedlel­a.

Lokhu akuzange kuqiniseki­swe amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, uthe akekho umshayeli osaboshiwe.

Isikhulu soMyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Enock Nzama, sithe sebekhathe­le ukuklelisa amabhokisi bengcwaba abafundi abashone ngezingozi. Uthe ezokuthuth­a abafundi azineli kubo bonke abafundi njengoba bengaphezu kuka-2.8 million esifundazw­eni.

Kulo mngcwabo kuvele nokuthi izikole zendawo kumele zizinuke amakhwapha njengoba kunenqwaba yabafundi abazishiya­yo baye ezikoleni ezikude.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa