AbaseMgeni Water bakhala ngamapayipi amanzi
AZIKHO izindawo ezidlisa njengezamakhosi kulezi zinsuku kwazise cishe wonke umuntu ufuna ukwakha isithabathaba sakhe somuzi emhlabeni abawutholayo endaweni yenkosi. Okunye wukuthi kulezi zindawo ayikho indaba yokukhokhwa kwama-rate futhi netayitela abakhwekazi.
Kulezi zindawo sibala iMolweni, Mzinyathi, Adams Mission, Henley nezinye esifundazweni iKwaZuluNatal.
Abaningi ababazi ubungozi bokwakha kulezi zindawo kwazise abanye abalikhulumi iqiniso uma usafika uzofuna indawo njengokuthi bakutshele ukuthi lowo mhlaba awukwazi ukwakha kuwo ngoba kunepayipi lamanzi elihamba ngaphansi okuyingozi enkulu ukwakha phezulu kwalo.
Yingakho abakwaMgeni Water beqhamuke nomkhankaso wokuxwayisa abantu ngokwakha ezindaweni eziyingozi. Ngokomthetho awukwazi ukwakha eduze kwedamu ngoba uma lina idamu lagcwala lokho kuyingozi enkulu kabi kangangoba abantu abakhe kuleyo ndawo basengcupheni yokumuka. AbakwaMgeni Water bahlezi bexoxisana namakhosi ukuze ezokwazi ngengozi engaba khona ngokubeka abantu ezindaweni ezifuze lezi. Zintathu izindawo eziyinkinga, ezimbili ziseMgungundlovu ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi bese kuba yise-Adams Mission kuMasipala weTheku. Inkinga enkulu ngalezi zindawo wukuthi akekho unjiniyela ofikayo ezobheka ukuthi ngabe kulandelwe yonke imigudu ngaphambi kokuthi kuze kwakhiwe, ukubheka inhlabathi nokunye. EHenley Dam, eMgungundlovu kukhona abakhe eduze kwedamu nokuyingozi enkulu ngoba uma kwenzeka lana kakhulu izulu labo bantu bangaba sengcupheni yokumuka nezikhukhula. Zikhona izindawo abantu okungamele nangengozi bakhe kuzona njengazo izindawo ezisondelene kakhulu namadamu. UMnuz Msizi Cele oyisikhulu esiphezulu eMgeni Water, uzwakalise ukukhathazeka ngomkhuba wokwakhiwa kwezindlu phezu kwamapayipi amanzi ngoba lokhu kuyingozi enkulu kabi. “Sinenkinga enkulu kabi ngabantu abakha phezu kwamapayipi ngoba babeka impilo yabo engcupheni. Inkinga iba sekutheni uma sesifaka amapayipi endaweni esiyithengile, ngokomthetho okuwuMgeni Water kuphela onelungelo lokusebenzisa leyo ndawo. Uma kuyizindawo zamakhosi, nakhona siyafika sicele imvume yokuthi sinikezwe umhlaba ukuze sikwazi ukusebenza kufakwe amapayipi amasha. Okubalulekile kulokho ukuthi sikwazi ukulungisa amapayipi amadala, singene kuwona,’’ kusho uCele.
Uthe okuyinkinga kakhulu yilapho uthola ukuthi sekunabantu asebakhe phezu kwalawo mapayipi ngoba kuchaza ukuthi uma sekumele alungiswe abasakwazi ukumba umsele liyolungiswa.
“Uma sizofaka amapayipi amakhosi asuke elwazi lolu hlelo ngoba siyaxhumana nezinhlaka ezihlukene zomphakathi, kubalwa namakomiti imbala. Inkinga ayibi ngesikhathi sisalifaka ipayipi, indaba iqala uma sekuhambe isikhathi ngoba amanye awabonakali ngenxa yokuthi sekwaphela iminyaka engu-40 afakwa ngakho abantu abasazi ukuthi ahamba kuphi ngisho nezinduna imbala. Abanye bagcina sebekhohlwa yiwona. Abanye yize bazi ukuthi ipayipi lamanzi lihamba kuphi kodwa uyabathola sebakhe phezu kwalo,’’ kusho uCele.
ENongwane Dam, eManzimtoti kukhona ipayipi elisuka khona lihambisa amanzi esikhungweni lapho kuhlanzwa khona amanzi, lapho okuhamba khona leli payipi uthola ukuthi baningi abantu asebakha phezu kwalo lelo payipi.
“Siyaba nemihlangano namakhosi sixwayise amalungu omphakathi ngokuthi angangeni ezindaweni esakha kuzona okufakwe kuzo amapayipi.’’
UCele uxwayise ngokuthi okokuqala lama payipi aletha imisebenzi endaweni ngakho uma elimala kuchaza ukuthi uyama umsebenzi nabantu okumele bathola amanzi bagcine bengasawatholi.
Uthe bewuMgeni Water banelungelo lokuthathela abantu abakhe endaweni yabo izinyathelo zomthetho. Uthe lokhu kuzobe kungakhomnbisi ukuba nonya kodwa kungenye yezindlela zokubavikela bengehlelwa yingozi.
Ngendlela amapayipi amanzi anamandla ngayo, uma kuthiwa kwenzeka okuthile kuwona, angashiya kukhalwa.
Bakhona nabantu abakha imijondolo yabo phezu kwamapayipi amanzi akwaMgeni Water, nabo ngokunjalo bayaxwayiswa ngalesi senzo.
UCele ube esexwayisa labo abacabanga ukuthi bazomangalela uMgeni Water uma kwenzeka izindlu zabo zilimala ngenxa yomonakalo ongadalwa yipayipi lamanzi bese befuna isinxephezelo.
“Labo abangaba nesifiso sokumangalela abakwaMgeni Water befuna ukunxeshezelwa ngenxa yokulimala kwempahla yabo, bengakwenza kodwa leso sicelo asisoze saphumelela. Okokuqala nje bakhe endaweni okumele ngabe abekho kuyona,’’ kusho uCele.
Iyaba khona imihlangano yomphakathi lapho abakwaMgeni Water besuke bezowuxwayisa ngobungozi bokwakha eduze kwawo kanjalo nenkinga yokuminza kwabantu okubalwa iNanda Dam neNagle Dam, namakhosi asuke ekhona.
Kunesigameko esenzeka eMolweni ngo-2011 ngesikhathi kugcwala idamu kwamuka abafundi kwalimala nesikole nabaningi. ISEXWAYISO Ungalinge wakhe endaweni lapho okufakwe kuyo izibonda ezimhlophe
Kwezinye izindawo kusikwe notshani okuwuphawu lokuthi ipayipi lamanzi lihamba kuphi
Uma uzothenga indawo emakhosini noma ezinduneni, kubalulekile ukuthi ubuzisize kahle konke okubalulekile njengokuthi ngabe alikho yini ipayipi lamanzi ngaphansi kwalowo mhlaba
Ungalinge wakhe eduze kwedamu ngoba ungazibeka engcupheni enkulu