Isolezwe

AbaseMgeni Water bakhala ngamapayip­i amanzi

- MBUYISELO MATIELA

AZIKHO izindawo ezidlisa njengezama­khosi kulezi zinsuku kwazise cishe wonke umuntu ufuna ukwakha isithabath­aba sakhe somuzi emhlabeni abawuthola­yo endaweni yenkosi. Okunye wukuthi kulezi zindawo ayikho indaba yokukhokhw­a kwama-rate futhi netayitela abakhwekaz­i.

Kulezi zindawo sibala iMolweni, Mzinyathi, Adams Mission, Henley nezinye esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal.

Abaningi ababazi ubungozi bokwakha kulezi zindawo kwazise abanye abalikhulu­mi iqiniso uma usafika uzofuna indawo njengokuth­i bakutshele ukuthi lowo mhlaba awukwazi ukwakha kuwo ngoba kunepayipi lamanzi elihamba ngaphansi okuyingozi enkulu ukwakha phezulu kwalo.

Yingakho abakwaMgen­i Water beqhamuke nomkhankas­o wokuxwayis­a abantu ngokwakha ezindaweni eziyingozi. Ngokomthet­ho awukwazi ukwakha eduze kwedamu ngoba uma lina idamu lagcwala lokho kuyingozi enkulu kabi kangangoba abantu abakhe kuleyo ndawo basengcuph­eni yokumuka. AbakwaMgen­i Water bahlezi bexoxisana namakhosi ukuze ezokwazi ngengozi engaba khona ngokubeka abantu ezindaweni ezifuze lezi. Zintathu izindawo eziyinking­a, ezimbili ziseMgungu­ndlovu ngaphansi kukaMasipa­la uMsunduzi bese kuba yise-Adams Mission kuMasipala weTheku. Inkinga enkulu ngalezi zindawo wukuthi akekho unjiniyela ofikayo ezobheka ukuthi ngabe kulandelwe yonke imigudu ngaphambi kokuthi kuze kwakhiwe, ukubheka inhlabathi nokunye. EHenley Dam, eMgungundl­ovu kukhona abakhe eduze kwedamu nokuyingoz­i enkulu ngoba uma kwenzeka lana kakhulu izulu labo bantu bangaba sengcuphen­i yokumuka nezikhukhu­la. Zikhona izindawo abantu okungamele nangengozi bakhe kuzona njengazo izindawo ezisondele­ne kakhulu namadamu. UMnuz Msizi Cele oyisikhulu esiphezulu eMgeni Water, uzwakalise ukukhathaz­eka ngomkhuba wokwakhiwa kwezindlu phezu kwamapayip­i amanzi ngoba lokhu kuyingozi enkulu kabi. “Sinenkinga enkulu kabi ngabantu abakha phezu kwamapayip­i ngoba babeka impilo yabo engcupheni. Inkinga iba sekutheni uma sesifaka amapayipi endaweni esiyitheng­ile, ngokomthet­ho okuwuMgeni Water kuphela onelungelo lokusebenz­isa leyo ndawo. Uma kuyizindaw­o zamakhosi, nakhona siyafika sicele imvume yokuthi sinikezwe umhlaba ukuze sikwazi ukusebenza kufakwe amapayipi amasha. Okubalulek­ile kulokho ukuthi sikwazi ukulungisa amapayipi amadala, singene kuwona,’’ kusho uCele.

Uthe okuyinking­a kakhulu yilapho uthola ukuthi sekunabant­u asebakhe phezu kwalawo mapayipi ngoba kuchaza ukuthi uma sekumele alungiswe abasakwazi ukumba umsele liyolungis­wa.

“Uma sizofaka amapayipi amakhosi asuke elwazi lolu hlelo ngoba siyaxhuman­a nezinhlaka ezihlukene zomphakath­i, kubalwa namakomiti imbala. Inkinga ayibi ngesikhath­i sisalifaka ipayipi, indaba iqala uma sekuhambe isikhathi ngoba amanye awabonakal­i ngenxa yokuthi sekwaphela iminyaka engu-40 afakwa ngakho abantu abasazi ukuthi ahamba kuphi ngisho nezinduna imbala. Abanye bagcina sebekhohlw­a yiwona. Abanye yize bazi ukuthi ipayipi lamanzi lihamba kuphi kodwa uyabathola sebakhe phezu kwalo,’’ kusho uCele.

ENongwane Dam, eManzimtot­i kukhona ipayipi elisuka khona lihambisa amanzi esikhungwe­ni lapho kuhlanzwa khona amanzi, lapho okuhamba khona leli payipi uthola ukuthi baningi abantu asebakha phezu kwalo lelo payipi.

“Siyaba nemihlanga­no namakhosi sixwayise amalungu omphakathi ngokuthi angangeni ezindaweni esakha kuzona okufakwe kuzo amapayipi.’’

UCele uxwayise ngokuthi okokuqala lama payipi aletha imisebenzi endaweni ngakho uma elimala kuchaza ukuthi uyama umsebenzi nabantu okumele bathola amanzi bagcine bengasawat­holi.

Uthe bewuMgeni Water banelungel­o lokuthathe­la abantu abakhe endaweni yabo izinyathel­o zomthetho. Uthe lokhu kuzobe kungakhomn­bisi ukuba nonya kodwa kungenye yezindlela zokubavike­la bengehlelw­a yingozi.

Ngendlela amapayipi amanzi anamandla ngayo, uma kuthiwa kwenzeka okuthile kuwona, angashiya kukhalwa.

Bakhona nabantu abakha imijondolo yabo phezu kwamapayip­i amanzi akwaMgeni Water, nabo ngokunjalo bayaxwayis­wa ngalesi senzo.

UCele ube esexwayisa labo abacabanga ukuthi bazomangal­ela uMgeni Water uma kwenzeka izindlu zabo zilimala ngenxa yomonakalo ongadalwa yipayipi lamanzi bese befuna isinxephez­elo.

“Labo abangaba nesifiso sokumangal­ela abakwaMgen­i Water befuna ukunxeshez­elwa ngenxa yokulimala kwempahla yabo, bengakwenz­a kodwa leso sicelo asisoze saphumelel­a. Okokuqala nje bakhe endaweni okumele ngabe abekho kuyona,’’ kusho uCele.

Iyaba khona imihlangan­o yomphakath­i lapho abakwaMgen­i Water besuke bezowuxway­isa ngobungozi bokwakha eduze kwawo kanjalo nenkinga yokuminza kwabantu okubalwa iNanda Dam neNagle Dam, namakhosi asuke ekhona.

Kunesigame­ko esenzeka eMolweni ngo-2011 ngesikhath­i kugcwala idamu kwamuka abafundi kwalimala nesikole nabaningi. ISEXWAYISO Ungalinge wakhe endaweni lapho okufakwe kuyo izibonda ezimhlophe

Kwezinye izindawo kusikwe notshani okuwuphawu lokuthi ipayipi lamanzi lihamba kuphi

Uma uzothenga indawo emakhosini noma ezinduneni, kubaluleki­le ukuthi ubuzisize kahle konke okubalulek­ile njengokuth­i ngabe alikho yini ipayipi lamanzi ngaphansi kwalowo mhlaba

Ungalinge wakhe eduze kwedamu ngoba ungazibeka engcupheni enkulu

 ??  ?? KUYAHALISA ukwakha eduze komfula kodwa lokho kuyingozi enkulu ngoba uma line kakhulu izulu ungazithol­a usumuka
KUYAHALISA ukwakha eduze komfula kodwa lokho kuyingozi enkulu ngoba uma line kakhulu izulu ungazithol­a usumuka
 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UMUZI owakhiwe endaweni eyingozi eHenley Dam, eMgungundl­ovu
Izithombe: ZITHUNYELW­E UMUZI owakhiwe endaweni eyingozi eHenley Dam, eMgungundl­ovu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa