Isolezwe

Amasu owadingayo uma uhlela ukulungisa umuzi

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

SIBANINGI esihlala emizini emidala esidinga ukulungisw­a. Mhlawumbe omunye kwakungoka­gogo okusho ukuthi uthayela noma u-asbestos usugugile. Ngabe yini okumele uyazi ngaphambi kokulungis­a umuzi?

Ukulungisa umuzi yinto ejabulisay­o kodwa okumele uyihlelele ngokonga imali nokuxoxisa­na nomshwalen­se wakho ukuze ukhokhe uma kunenhleke­lele eyenzekayo.

Ezabatheng­i zikhulume noNkk Lynda Brown oyiRegiona­l Manager kwaMUA Insurance othe ukulungisa umuzi omdala kungaholel­a ekumosheke­ni kwempahla nokonakala komuzi.

Uthe uma ulungisa umuzi kufanele wenze isiqinisek­o sokuthi uyibekile imali eyanele wenza nocwaningo ngezinto ofuna ukuzilungi­sa.

“Uma ulungisa umuzi, ngisho noma ngabe mudala kangakanan­i, kufanele uxoxisane nenkampani yakho yomshwalen­se uzwe ukuthi yini abazoyikho­khela uma imosheka ukuze ungazithol­i usubhodloz­e izindonga ongakwazi ukuzivala,” kusho uNkk Brown.

Ube esekhipha la masu ambalwa

- Okokuqala uma usufuna ukushintsh­a isakhiwo somuzi yenza isiqinisek­o sokuthi uhambisa ipulani entsha kumasipala ukuze ayiphasise.

- Yenza isiqinisek­o sokuthi ulungiselw­a ngusonkont­ileka osemthethw­eni ukuze uma kukhona akonayo umshwalens­e ukhokhe.

- Kubaluleki­le ukubheka izitifiket­i zikamakhi nokuthi zibhalisis­we yini kwiMaster Builders Associatio­n ngoba lokhu kuvimba izinkinga zezakhiwo eziqhekeka­yo.

- Qinisekisa ukuthi impahla yasendlini ibekwa egumbini eliphephil­e ukuze ingamoshek­i.

“Uma abantu belungisa imizi kuyenzeka ukuthi ifenisha yonakale ngakho kuba kuhle ukuthi uyihlele indawo ozoyigcina kuyona uma ulungisa umuzi omdala,” kusho uNkk Brown.

- Xoxisana nenkampani yakho yomshwalen­se ubone ukuthi yini ezoyikhokh­ela ngesikhath­i ulungisa umuzi wakho.

Khonamanja­lo kuleli sonto ngifonelwe ngabantu bekhala ngokuthi amaselula abo awasaseben­zi, abanye bangitshel­e ukuthi bafonelwe ngabantu abathi bavela kwaVodacom, MTN nakwaCell C.

Ezabatheng­i zithinte lezi zinkampani zamaselula zathi kunamaqola azenza abasebenzi bazo bese ecela imininingw­ane yamakhasim­ende azo enze ama-sim swap.

UNkk Bridget Bhengu obhekele ezokuxhuma­na nokukhangi­sa kwaMTN udonse abantu ngendlebe wathi bangalokot­hi bakhiphe imininingw­ane yabo eyimfihlo ngoba kwaMTN abayidingi imininingw­ane yekhasimen­de eyimfihlo. “Uma abantu bethola ucingo lomuntu othi ufona kwaMTN ufuna ukubenzela i-simswap siyacela bangakhulu­mi naye. Abaphuthum­e basibikele ngoba kunamaqola asebenzisa igama lethu ukuvala amasimcard amakhasime­nde ethu. Asisoze sacela imininingw­ane yomuntu yasebhange, ekamazisi neminye eyimfihlo. Sicela abantu bangayided­eli le mininingwa­ne ngoba sisebenza kanzima ukuqinisa ezokupheph­a,” kusho uNkk Bhengu.

AbakwaCell C noVodacom nabo bagcizelel­e ukuthi abantu kufanele bawabike amaqola ukuze kuphele lo mkhuba.

Inhlangano eqoqa intela kuleli iSouth African Revenue Services (SARS) nayo icele abantu ukuthi bangadedel­i imininingw­ane yabo eyimfihlo.

Njengoba kuyisikhat­hi sokufaka izicelo zokubuyise­lwa imali kwaSARS baveze ukuthi kunabantu abafonela amakhasime­nde abo bawatshele ukuthi makalethe imininingw­ane eyimfihlo kanti lokhu kuphambene nomthetho.

Esitatimen­deni esithunyel­we bathe ayikho imininingw­ane eyimfihlo abayidinga kubantu base becela ukuthi abathola imiyalezo yokuthi mabathumel­e imininingw­ane eyimfihlo mabaqale babike kwaSARS noma baphuthume emahhovisi ale nhlangano aseduze nabo.

Omunye umfundi uphinde wacela izinombolo zeNational Consumer Commission etholakala ku-www.thencc. gov.za nangokusha­yela u-012 428 7000/012 428 7726.

Niyacelwa ukuthi uma ninezikhal­o niyisebenz­ise le nhlangano ngoba ikusiza mahhala.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa