Izigebengu zigqekeze zeba utshwala
KUPHAZAMISEKE izinhlelo zokuvulwa kabusha kwendawo yobumnandi iMama’s Jus Jazzin Lounge, eDurban North, ngemuva kokuth igqekeziwe kwebiwa izinsizakusebenza ngempelasonto.
Izolo abasebenzi bathe bafike kugqekeziwe kwantshontshwa izimpahla.
Umnikazi wendawo, uMnuz Nkanyiso Msomi, uthe kuntshontshwe imishini yokudijeya notshwala obubizayo
“Ngicabanga ukuthi izinto ezebiwe zibiza ngaphezulu kuka-R300 000. Bathathe ugologo obizayo hhayi noma yimuphi ngoba bathathe amaBlue (Johnny Walker) nobunye,” kusho uMsomi.
Kusolakala ukuthi izigilamkhuba zeqe udonga zagobisa ucingo oluhlabayo phezulu zase zingena ngaphakathi.
Izinsimbi zokuvikela iwindi zisikwe zabekwa eceleni base bengena ngewindi njengoba ngaphakathi kukhona nesihlalo okukholakala ukuthi bagibele kuso sebephuma.
“Sengathi ngabantu abebenesikhathi sonke uma ubuka indlela abenze ngayo. Akusiwo amaphara kodwa ngabantu abebeyazi into abayifunayo,” kusho uMsomi.
Uthe namhlanje ulindele ukuthi kufike amaphoyisa ezothatha amanyela eminwe. Uthe unethemba lokuthi abenzi balokhu bazokwazi ukusheshe batholakale.
“Sisazobheka namakhamera ukuze sibabone ukuthi bangobani,” kusho uMsomi. Izolo, bekuvaliwe ngenxa yalokhu. Indawo ibikade ilungiswa. Bekulungiswa ikhishi ukuze ingagcini kuphela ngokuba wushisanyama kodwa kudayise nezinye izinhlobo zokudla kwesilungu.
“Besihlele ukuthi kule nyanga sibe nomcimbi omkhulu wokuyivula kabusha simeme nabaculi abadumile. Kusibuyisele emuva lokhu okwenzekile,” kusho uMsomi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukugqekezwa. “Bathe uma befika ekuseni (izolo) ngabo-10.30 bafika kugqekeziwe ewindini lasendlini encane. Kuntshontshwe imishini yokudijeya notshwala ugologo ne-vodka,” kusho uMbhele.
Uthe baphenya icala lokugqekeza nokuntshontsha.