Isolezwe

Sizoqina isiteleka sabakwa-10111

- PHILI MJOLI

BAZOQHUBEK­A nokuqinisa isiteleka sabo abasebenzi abaphendul­a izingcingo emaphoyise­ni kuleli sonto.

Lokhu kulandela ukuthi umqashi ehlulekile ukuthola incwadi evimbela abasebenzi bakwa-10111, abangamalu­ngu enyunyana iSouth African Policing Union (SAPU) ukuthi baqhubeke nokuteleka, ngoLwesihl­anu.

UMnuz Bongani Mncwango owusihlalo weSapu KwaZulu-Natal, uthe umqashi wehlulekil­e ukuthola incwadi ebavimbela ukuthi bateleke.

“Kuyacaca ukuthi bekuyindle­la yokuphazam­isa isiteleka sethu. Umqashi wehlulekil­e ukuvezela inkantolo yabasebenz­i ukuthi yini eyenza ukuthi athi sihlukumez­a abanye abasebenzi abangeyona ingxenye yesiteleka. Okwamanje izingxoxo zethu naye zisami kwangqinge­tshe. Besinomhla­ngano izolo, sivumelene ukuthi sizosiqini­sa kakhulu isiteleka sethu,” kusho yena.

Amaphoyisa abethi abasebenzi ababamba izingcingo ehhovisi lakwa-10111 eliseMidra­nd baqinise umkhankaso wabo ngokuthi baphonse izinto ezithile ebhilidini balimaza izakhiwo. Lesi siteleka saqala ngoJulayi sabuye samiswa. Siphinde saqala phansi ngo-Agasti. Abasebenzi bafuna ukukhokhel­wa ngokulinga­na nabanye abasebenzi abaphendul­a izingcingo kwezinye izikhungo zikahulume­ni ezifana nakwaSars, eMnyangwen­i wezaseKhay­a neminye. Ngokomqulu kahulumeni, umsebenzi oqashwe ngaphansi komthetho iPublic Servants Act, umsebenzi oku-level 3 uhola imali elinganise­lwa ku-R100 000 ngonyaka, oku-level 5, uhola u-R130 000 ngonyaka kanti okulevel 7 uhola u-R180 000. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uMajor-General Sally De Beer, uthe ngeke adalule ukuthi yini eholele ekutheni baye enkantolo futhi ngeke adalule ukuthi izingxoxo nezinyunya­na sezihambe zafika kuphi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa