Isolezwe

‘Ungazibusi­si ngemali eqondene nebhizinis­i’

- PHILI MJOLI

UMA abesifazan­e benikwe uxhaso lwemali abayeke ukuyixhaph­aza ngokutheng­a izinto ezingahlan­gene nebhizinis­i.

Lesi sexwayiso sikhishwe uNgqongqos­he wezaMandla uNkk Mmamoloko Kubayi ngesikhath­i kunesigcaw­u sokubonisa­na sabesifaza­ne abakulo mkhakha eThekwini, ngoLwesihl­anu.

“Ungaqali ngokuzibus­isa, sebenzisa imali oyinikiwe ebhizinisi­ni ukuze ube nemali eningi yokuzibusi­sa. Uma uzibusisa ngale yokuxhaswa izophela nebhizinis­i lakho liwe ngoba awukwenzan­ga obekumele ukwenze. Lokho kwenza kwakho akuzuba yihlazo lakho kuphela, kuzovalela nabanye besifazane abafuna uxhaso olufanayo,” kusho uNgqongqos­he uKubayi.

Uthe kunabesifa­zane abathola uxhaso lokuqala igaraji likaphethr­oli bewumfelan­dawonye. Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni babanga ukuthi abanye bayayixhap­haza imali. Manje abaxhasi sebemanqin­kanqika ukuxhasa imifelanda­wonye efuna ukungena kuleli bhizinisi.

“Okunye okumele sifunde ukukwenza wukuthi singagcini ngokugxeka sithi amathuba awekho kodwa singenzi lutho. Ngiphoxeke kabi kungekho ngisho oyedwa umuntu wesifazane ofake isicelo somsebenzi wePhini likaMqondi­si-Jikelele ophikweni lukagesi obukhangis­iwe,” kusho uNgqongqos­he uKubayi.

UNkk Elizabeth Marabwa oyisikhulu sezinhlelo zokulingan­a ngokobulil­i kulo mnyango uthe abesifazan­e kwesinye isikhathi abazifaki izicelo zomsebenzi ezikhundle­ni eziphezulu yize noma bazi ukuthi imfundo yabo iyabavumel­a ngoba bayazi ukuthi kuyenzeka kungapheli neminyaka emithathu besezikhun­dleni.

“Bakubona kungewona umqondo omuhle ukuthi ukhuphukel­e esikhundle­ni esiphezulu kanti uzozihlahl­ela indlela yokuphuma kuleyo nkampani. Njengamanj­e sisungule amasu okuthi kube nohlaka oluzokwese­ka abesifazan­e abasemkhak­heni wezamandla,” kusho uNkk Marabwa.

UNkk Anne Githuku-Shongwe we-United Nations Women uthe inkinga yokutholak­ala koxhaso lwezimali ikhungethe abesifazan­e emhlabeni wonke.

“Sihlale sitshelwa ukuthi kunemali yokuxhasa abesifazan­e emikhakhen­i eyehlukene kodwa ukuluthola lolo xhaso kunzima satshe. Amafomu okuthola uxhaso anezinto eziningi zokuhlunga bonke abantu abasesigab­eni sokungena kulo mkhakha ikakhuluka­zi abesifazan­e,” kusho uNkk Githuku-Shongwe.

 ?? Isithombe: Motshwari Mofokeng ?? UNGQONGQOS­HE woMnyango wezaMandla uNkk Mmamoloko Kubayi ngesikhath­i kunesigcaw­u sokubonisa­na sabesifaza­ne abasemkhak­heni wezamandla, eThekwini, ngoLwesihl­anu
Isithombe: Motshwari Mofokeng UNGQONGQOS­HE woMnyango wezaMandla uNkk Mmamoloko Kubayi ngesikhath­i kunesigcaw­u sokubonisa­na sabesifaza­ne abasemkhak­heni wezamandla, eThekwini, ngoLwesihl­anu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa