Kwethulwe oweSibaya Samadoda
IZINYANE leSilo uMntwana uNhlanganiso Zulu, lidonse ngendlebe amadoda ukuthi angahlali uma ehlushwa yizifo kodwa aye emtholampilo ukuze asheshe athole usizo.
NgoLwesihlanu, uZulu wethule ngokusemthethweni umkhankaso wakhe obizwa ngeSibaya Samadoda ogqugquzela amadoda ukuthi asoke futhi avikele abesifazane nezingane.
“Ngiqhuba umyalezo weSilo wokuthi amadoda mawasoke ukuze avikele izifo. Ukususa ijwabu kuvikela indoda ezifweni zocansi nowesifazane kumvikela ekutholeni umdlavuza wesibeletho,” kusho uZulu.
Uthe njengenxusa likazwelonke lesifo sofuba ne-HIV/Aids ubone kufanele ukuthi ethule umkhankaso weSibaya Samadoda lapho ewagqugquzela khona ukuthi akhulume ngezifo zawo ezihlukene.
“Amadoda awasheshi ukusukuma uma egula, ayahlala azibe. Mina ngangiphethwe yisifo sofuba ngaze ngakhishwa iphaphu, sengisele nelilodwa. Ngithi amadoda mawasukume asheshe afune usizo ngoba uma uhlala nesifo ungatholi imithi yokuselapha siyakubulala,” kusho uZulu.
Udonse ngendlebe amantombazane ukuthi angavumeli abafana bawenze izimoto zokufundela ukushayela ngokuthi balale nawo bengawashadile.
“Njengoba ngino-45 ngiqale ukukhulelisa umuntu wesifazane ngokami. Ningabavumeli abafana banisebenzisele inkanuko. Sifuna ukwehlisa isibalo sabantu abangenwa yigciwane lengculazi KwaZulu-Natal. Ayafa amaZulu ngenxa yengculazi, lo mkhankaso ugqugquzela wonke umuntu ukuthi aphile kahle,” kusho uZulu.
Ngamadoda ashaya abesifazane, uthe kufanele asuswe emphakathini ngoba KwaZulu uyahlonishwa umuntu wesifazane yingakho kwavunywa ukuthi izwe libizwe ngelikaMthaniya okwakuyintokazi yakwaSibiya eyazalwa yiSilo uSenzangakhona.
UMntwana uNhlanganiso ubehambisana nomlingisi odlala indawo kaMangi kwiScandal, uKagiso Medupi naye ohambe emazwini omntwana esho ukuthi amadoda kufanele avikele abesifazane.
“Sifuna amadoda kube yiwona ahamba phambili ekuvikeleni abesifazane. Ukusoka kusho ukuthi uyazivikela ezifweni kodwa uphinde uqinisekise ukuthi unkosikazi wakho noma loyo othandana naye uvikelekile kumdlavuza wesibeletho. SinoMntwana sifuna amakhosikazi ethu akhulise izingane zethu, aphile kahle ngaphandle kokuhlushwa yizifo ezilethwa yithi,” kusho uMedupi.
UMnuz Msawenkosi Hadebe obeyingxenye yebutho ebelihambisana nomntwana uNhlanganiso, uthe bayaweseka lo mkhankaso ngoba uvikela izifo, ufuna amadoda aphile angasabi ukuya emitholampilo.
“Uma umuntu esesokile uyakwazi ukuqhubeka nokujabulisa isithandwa sakhe, ngendlela ephephile ngoba kuyagqugquzelwa ukuthi kusetshenziswe ijazi lomkhwenyana. Uphinde usifundise ngezifo ezehlukene ezihlasele amadoda, usinike namakhono esiwadingayo empilweni,” kusho uHadebe.