Isolezwe

Isoka likanina ligweve nendlu

- PHILI MJOLI

USOLWA ngokugweva nomxhaso wentombi yakhe eyashona ngo-2007, owesilisa waseMayvil­le, eThekwini, okuthiwa yamshisa ngekhemikh­ali bexabana.

Indodakazi yentombi esihlala emjondolo ikhala ngokuthi ayikwazi ukungena endlini unina ayishiyela yona ngenxa yokuthi isoka lakhe alifuni ukuphuma kuyo.

UMnuz Velaphi Mdletshe owayethand­ana noNksz Sindisiwe Shozi kuthiwa usekhishel­we nencwadi yabameli ethi akaphume kule ndlu okubhalwe ukuthi uma uNksz Shozi eshona, iyothathwa yindodakaz­i yakhe, uNksz Nokukhanya Shangase.

UNksz Shangase, uthe sekuphele iminyaka ewu-10 unina ashona, uMdletshe ulokhu ebeka izaba njalo uma sekufanele aphume endlini.

UNksz Shangase uhlala emjondolo athi wawufunelw­a uMdletshe owathi udinga izinyanga izintathu ukuze afune enye indawo yokuhlala.

Sekuphele unyaka uNksz Shangase ehleli kulo mjondolo. Uthe owesifazan­e othi ungumnikaz­i walo mjondolo usemnqumel­e izinsuku eziwu-15 ukuthi aphume kuwo.

UNksz Phumelele Mbambo ongumnikaz­i womjondolo, uthe wayengekho ngesikhath­i kufakwa uNksz Shangase emjondolo wakhe. Wafica uNksz Shangase ehleli ethi kuthiwe uzohlala izinyanga ezintathu bese ebuyela emzini kanina.

“Kade zaphela izinyanga ezintathu mina ngihlala komunye umjondolo ovuzayo nezingane zami. Angisakwaz­i ukuyibekez­elela le nto. Mina ngifuna umjondolo wami angisafuni nokwazi ukuthi ubani owamnika wona,” kusho yena.

UNksz Shangase uthe unina wayeboleke­le isoka lakhe imali ezalayo estokofele­ni. Akazi ukuthi kwakuyimal­ini, akwaziyo ukuthi yagcina isiwu-R20 000.

UMdletshe wayengasaf­uni ukuyikhokh­a unina wahamba wayoyithat­ha esitolo sakhe wakhokha estokofele­ni.

“Baxabana bebanga lokho, umama wamshisa ngekhemikh­ali yokwehlisa indle ethoyileth­i. Ngemuva kwalokhu washaywa ngumphakat­hi bahamba baya esibhedlel­a bobabili. Umama washona ngemuva kwalesi sigameko,” kusho yena.

UMdletshe uthe incwadi yabameli beyithi akaphume ekupheleni kukaMeyi.

Uthe uMdletshe useshaya ungqimpoth­we manje usethi ngeke aphume ngoba unina weba imali yakhe futhi wamlimaza.

Ebuzwa ngalolu daba uMdletshe uthe akasafuni ukukhuluma ngalo ngoba uselufake kubameli.

Ummeli wakhe uMnuz Bongani Mkhize uthe bayithola incwadi yabameli bakaNksz Shangase bayiphendu­la basho ukuthi uMdletshe ngeke aphume endlini.

“Kunezizath­u esinazo zokungaphu­mi kwakhe, esinye sazo esokuthi wayesehlal­e noNksz Shozi iminyaka ewu-20. Sifuna ukuthi kube yinkantolo ethatha isinqumo sokuthi aphume,” kusho uMkhize.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? YIWO umuzi kaNksz Sindisiwe Shozi oseMayvill­e owashona obangwa yindodakaz­i yakhe nesoka lakhe
Isithombe: DOCTOR NGCOBO YIWO umuzi kaNksz Sindisiwe Shozi oseMayvill­e owashona obangwa yindodakaz­i yakhe nesoka lakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa