Isoka likanina ligweve nendlu
USOLWA ngokugweva nomxhaso wentombi yakhe eyashona ngo-2007, owesilisa waseMayville, eThekwini, okuthiwa yamshisa ngekhemikhali bexabana.
Indodakazi yentombi esihlala emjondolo ikhala ngokuthi ayikwazi ukungena endlini unina ayishiyela yona ngenxa yokuthi isoka lakhe alifuni ukuphuma kuyo.
UMnuz Velaphi Mdletshe owayethandana noNksz Sindisiwe Shozi kuthiwa usekhishelwe nencwadi yabameli ethi akaphume kule ndlu okubhalwe ukuthi uma uNksz Shozi eshona, iyothathwa yindodakazi yakhe, uNksz Nokukhanya Shangase.
UNksz Shangase, uthe sekuphele iminyaka ewu-10 unina ashona, uMdletshe ulokhu ebeka izaba njalo uma sekufanele aphume endlini.
UNksz Shangase uhlala emjondolo athi wawufunelwa uMdletshe owathi udinga izinyanga izintathu ukuze afune enye indawo yokuhlala.
Sekuphele unyaka uNksz Shangase ehleli kulo mjondolo. Uthe owesifazane othi ungumnikazi walo mjondolo usemnqumele izinsuku eziwu-15 ukuthi aphume kuwo.
UNksz Phumelele Mbambo ongumnikazi womjondolo, uthe wayengekho ngesikhathi kufakwa uNksz Shangase emjondolo wakhe. Wafica uNksz Shangase ehleli ethi kuthiwe uzohlala izinyanga ezintathu bese ebuyela emzini kanina.
“Kade zaphela izinyanga ezintathu mina ngihlala komunye umjondolo ovuzayo nezingane zami. Angisakwazi ukuyibekezelela le nto. Mina ngifuna umjondolo wami angisafuni nokwazi ukuthi ubani owamnika wona,” kusho yena.
UNksz Shangase uthe unina wayebolekele isoka lakhe imali ezalayo estokofeleni. Akazi ukuthi kwakuyimalini, akwaziyo ukuthi yagcina isiwu-R20 000.
UMdletshe wayengasafuni ukuyikhokha unina wahamba wayoyithatha esitolo sakhe wakhokha estokofeleni.
“Baxabana bebanga lokho, umama wamshisa ngekhemikhali yokwehlisa indle ethoyilethi. Ngemuva kwalokhu washaywa ngumphakathi bahamba baya esibhedlela bobabili. Umama washona ngemuva kwalesi sigameko,” kusho yena.
UMdletshe uthe incwadi yabameli beyithi akaphume ekupheleni kukaMeyi.
Uthe uMdletshe useshaya ungqimpothwe manje usethi ngeke aphume ngoba unina weba imali yakhe futhi wamlimaza.
Ebuzwa ngalolu daba uMdletshe uthe akasafuni ukukhuluma ngalo ngoba uselufake kubameli.
Ummeli wakhe uMnuz Bongani Mkhize uthe bayithola incwadi yabameli bakaNksz Shangase bayiphendula basho ukuthi uMdletshe ngeke aphume endlini.
“Kunezizathu esinazo zokungaphumi kwakhe, esinye sazo esokuthi wayesehlale noNksz Shozi iminyaka ewu-20. Sifuna ukuthi kube yinkantolo ethatha isinqumo sokuthi aphume,” kusho uMkhize.