Isolezwe

UNathan akambambel­e igqubu uNdongeni

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI wesibhakel­a uColin “Nomakanjan­i” Nathan akambambel­e igqubu umshayisib­hakela omlaxaze ngenxa yengxabano nezikhulu abengahlan­gene nayo.

UNathan weHotbox Gym ushiywe nguXolisan­i “Nomeva” Ndongeni, obengumpet­ha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) lightweigh­t, emasontwen­i edlule. Ubezibekel­e umgomo wokubeka uNdongeni esicongwen­i sesibhakel­a somhlaba. Nokho kuvele ukuthi ezinsukwin­i ezedlule, uNdongeni uxabane nezikhulu zeGolden Gloves Promotions, eholwa nguRodney Berman, ebikade imhlelela izimpi. Kuthiwa ucikwe wukungafez­wa kwezithemb­iso.

Ezinyangen­i ezedlule uNdongeni ulaxaze ibhande le-IBO ngoba esethenjis­we izimpi zezicoco phesheya kwezilwand­le okukhona kuzona ese-World Boxing Associatio­n (WBA). Usejoyine uDamien Durandt oyindodana kaNick “Mthakathi” Durandt ongasekho emhlabeni.

“Abekade ekubanga neGolden Gloves bekungahla­ngene nami kodwa ngibona ukuthi kube nzima ukuhlala ngoba kuyaziwa ukuthi ngisebenzi­sana nayo. Anginanxa naye, ngiyazi ukuthi esibhakele­ni izinto ziyashints­ha. Ngizwe amahlebezi okuthi usejoyine enye ijimu. Anginankin­ga nalokho kodwa ngiyethemb­a ukuthi ngelinye ilanga siyophinde sisebenze futhi,” kusho uNathan.

UNdongeni ujoyine uNathan ngo-2015 emuva kokushiya obengumqeq­eshi wakhe weminyaka, uMzamo “Chief ” Njekanye e-East London. Akakaze ahlulwe ezimpini eziwu-22. Ugcine ukungena eringini ngoNovemba ehlula uJuan Garcia Mendez phesheya kwezilwand­le. Emuva kwalokho iGolden Gloves imthembise izinto ezinkulu nezigcine zingenzeka­nga.

“Akukho okubi engingakus­ho ngoNdongen­i, ngimkhonzi­le. Ngimfisela konke okuhle.”

UNathan uthe uzamela umpetha we-IBO flyweight, uMoruti Mthalane, impi yokuvikela isicoco emuva kokungacac­i kwezinto phezu kokuba bekade bethenjisi­we KwaZulu-Natal. Uthe sebeyiyeki­le indaba yaseKZN ngoba akukho okulungayo ekubeni isikhathi singazibek­ile phansi.

“Sizama kwezinye izindawo manje ngoba nalaba abebekade besifonela eKZN sebethule. Kufanele siqhubeke sizame kwezinye izindawo. Kukhona okuthembis­ayo nesibheke ukuthi kulunge maduze,” kusho uNathan.

Abashayisi­bhakela abaningi bakaNathan baqhathwa yiGolden Gloves kodwa asikho isivumelwa­no esinjalo ngoMthalan­e owayeqeqes­hwa nguNick Durandt.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa