Ukhale ngamabhadi uKomphela
UKHALE ngamashobolo umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela ongayicabangi eyokufaka incwadi yokwesula ngemuva kokudliwa yiSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Igoli laMatsatsantsa a Pitori lishaywe nguJeremy Brockie ngesiwombe sokuqala. Amakhosi sekuphele amasizini amabili elandelana enganqobi lutho ngaphansi kobuholi bukaKomphela.
IChiefs yagcina ukuphakamisa isicoco ngo-2014 kusekhona uStuart Baxter osecija iBafana Bafana.
Ebuzwa uKomphela ukuthi usazibona kumfanele ukuqhubeka nomsebenzi wokucija Amakhosi, uthe akazimisele ngokuyeka.
Inkontileka kaKomphela neChiefs iphela ngoJuni.
“Umsebenzi wethu wukusebenza ngabantu. Ngifisa ukuphendula ngendlela ebesikhuluma ngayo eceleni kodwa angikwazi ukuphendula ngayo esidlangalaleni. Njengoba u-Eric (Tinkler ocija iSuperSport) eshilo kuba nzima ukuqhubekela phambili uma ungayitholi imiphumela emihle noma kungathiwa udlale kahle kanjani. Iqembu lami likwenza konke ngaphandle kokushaya amagoli.
“Mayelana nami nokuqhubeka nomsebenzi wethu ngeke ngigxile kakhulu kimina. KwiChiefs akukhona ngami kuphela ngoba sinenqwaba yabantu abalandela iqembu. Uma ulapha futhi kunomuntu onganika le nqwaba yabalandeli into engcono kumele ayithathe ngomoya omuhle ukuze kuqhutshekelwa phambili kodwa sizama ngayo yonke indlela ukujika izinto. Esikudingayo wukushaya amagoli,” kusho uKomphela.
Amakhosi asesele neTelkom Knockout, Nedbank Cup nesicoco seligi nokuyizicoco uKomphela okufanele azilwele. Abalandeli baphinde bakhombisa ukungamenameli lo mqeqeshi, bethi akahambe.
“Ngesikhathi ngisendleleni eza lapha esithangamini nabezindaba kunomuntu othe akonakele kodwa kunento engalungile. Ngivele ngadideka nami ngoba ngikholwa wukuthi senze yonke into ngendlela. Sidlale ibhola ngendlela iChiefs okumele idlale ngayo ibhola,” kusho uKomphela.
“Esimeni esikanje wenzenjani? Ugxeka abadlali? Cha ngeke nakancane ukhale ngabo. Badlale ibhola elihle futhi izinkumbi zabalandeli beqembu abangu-45 000 zibheme zakholwa.”
Leli phephandaba lihabule izindaba zokuthi uHristo Stiockov oyingwazi yeBarcelona yaseSpain usesifakile isicelo somsebenzi kuleli qembu. Lokhu kuqubula izinsolo zokuthi izinsuku zikaKomphela kwiChiefs sezibaliwe.
“Akuyona into emnandi ukubona abalandeli bephuma enkundleni bedumele ngemuva kokudlala ibhola elihle. Yize ngiyihlonipha imibuzo kodwa awukwazi ukuchaza into efana nale yethu. Njengomholi kumele ubhekane nokudliwa ngoba awukwazi ukutshela abantu obahloniphayo ukuthi nibonile nje ukuthi sidlalile kodwa igoli laphika,” kusho uKomphela.