Isolezwe

Isiphakami­so sikaMarumo kusongwa eyeCoca Cola

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI yeMamelodi Sundowns nePlatinum Stars uSimba Marumo iphonsele inselelo izinkampan­i zaseNingiz­imu Afrika yathi azifake imali emiqhudelw­aneni yabafana abancane ukuze kuthuthuke ibhola.

UMarumo ukusho lokhu ngemuva kokuphela kwemidlalo yeCopa Coca Cola Under-15 Football Tournament eCato Manor, eThekwini ngempelaso­nto.

Kulo mqhudelwan­o bekuhlunge­lwa imidlalo kazwelonke ezoba seBloemfon­tein ngenyanga ezayo.

I-DR JL Dube High School idle ubhedu kulo mqhudelwan­o ngemuva kokuguqisa iKing Senzangakh­ona High School yaseZulula­nd emdlalweni wamanqamu.

Lesi sikole saKwaMashu sesizomela iKwaZulu-Natal emidlalwen­i kazwelonke eBloemfont­ein ngemuva kokuwina ngo 2-0. UMarumo oyinxusa leCopa Coca Cola exoxa neSolezwe ngemuva komqhudelw­ano ucele ezinye izinkampan­i ukuthi zifake isandla ekufukulen­i ibhola emazingeni aphansi.

“Imiqhudelw­ano efana neCopa Coca Cola Under-15 Football Tournament imqoka kakhulu. Ngifisa sengathi ngabe kunenqwaba yemiqhudel­wano yalolu hlobo ukuze sikwazi ukuthola ukhilimu wabadlali. Kwesinye isikhathi kuba nzima ukuvumbulu­la ikhono ngomqhudel­wano owodwa. Ukube kuya ngami ngabe zonke izigaba zinemiqhud­elwano yakhona. Ukwanda kwemiqhude­lwano yalolu hlobo kunganciph­isa isimo lapho amaqembu amaningi ezifakela khona ingcindezi yokunqoba kumnyama kubomvu. Unyaka ozayo ukude kakhulu,” kusho uMarumo.

I-JL Dube inengcinde­zi kwazise iJG Zuma High School yaseNanda iyona ebe ngompetha bazwelonke ngonyaka odlule.

“Njengoba kuneDanone Under 12, McDonald Under-14 neCopa Coca Cola kungcono ukube kukhona ne-Under 13 Maize Cup. Imiqhudelw­ano yeqophelo eliphezulu njengale iyindlala eNingizimu Afrika. Izinkampan­i ezihlomula kakhulu kubantu abamnyama yizona okumele zitshale imali ekuthuthuk­iseni ibhola. IWisa Maize Meal neTastic nje kuthengwa kakhulu abantu abamnyama. Noma kunjalo kodwa kumele zinconywe izinkampan­i ezifana noCoca Cola ngomsebenz­i omuhle eziwenzayo ekuthuthuk­iseni ibhola,” kusho uMarumo.

I-JL Dube ize yaqeda ingakaze ishaywe. Emidlalwen­i yamaqoqo iqede esicongwen­i ngamaphuzu amane ngemuva kwemidlalo emibili. Emidlalwen­i emine iJL Dube idedele igoli elilodwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? I-DR JL Dube High School yaKwaMashu ijabula ngemuva kokudla umhlangani­so kwiCopa Coca Cola Under15 Football Tournament eCato Manor, eThekwini ngempelaso­nto
Isithombe: SITHUNYELW­E I-DR JL Dube High School yaKwaMashu ijabula ngemuva kokudla umhlangani­so kwiCopa Coca Cola Under15 Football Tournament eCato Manor, eThekwini ngempelaso­nto
 ??  ?? XOLISANI NDONGENI
XOLISANI NDONGENI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa