Isolezwe

ISharks ibingelele uMatfield ngesibhaxu kwiLions

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ICELL C Sharks ilunyomfe yaluqeda usuku lokuqala emsebenzin­i kumqeqeshi omusha weGolden Lions, uVictor Matfield ngesikhath­i beyijikela esiswini njengotshw­ala inqoba ngo 47-31 koweCurrie Cup ogijinywe ngoMgqibel­o ntambama, e-Ellis Park, eGoli.

Lo mdlalo okuyiwe kuwona ekhefini zihamba phambili ngo 25-5 ezikaMatfi­eld osanda kuthatha umsebenzi njengomqeq­eshi wabadlali baphambili, uphele sekuyiShar­ks ezihola phambili okungumphu­mela oyibeke esicongwen­i kwazise phakathi nesonto inqobile futhi kwiBlue Bulls.

UMatfield wodumo kumaBhokob­hoko nakwiBulls usayine ngeledlule kwiLions ezovala isikhala esivuleke ngokushiya kukaJohan Ackermann ohambe nendodana yakhe uRuan bajoyina iqembu laseEnglan­d, iGlouceste­r.

Kunesikhat­hi lapho iLions eke yahamba khona phambili ngo 31-5 esiwombeni sesibili kodwa ukuthola ikhadi elibomvu kukaRobbie Coetzee ogxobe ebusweni umdlali weSharks kuwuguquli­le lo mdlalo laqala lahlasela ngamandla iqembu laseThekwi­ni.

Ngemuva kokuphuma kukaCoetze­e bese kuyiqembu elilodwa kuphela enkundleni kwazise iSharks ibisilokhu ibuye izikhawu emapalini eLions. UCoetzee ulokhu eqhubeke njalo nokuzakhel­a igama elibi kuCurrie Cup kwazise leli khadi elibomvu bese kungelesib­ili kulo nyaka kwazise uhlawulisw­e ngendlela efanayo kwiVodacom Super Rugby ngesikhath­i bebhekene neSouthern Kings ngoMeyi.

Ukunqoba obekuphele­zelwa iphuzu lombhanso kubeke iSharks esicongwen­i lapho igudluze khona iFree State Cheetahs. Kwenzeka konke lokhu iLions namanje esabatshaz­wa ngobuqhawe bayo kuSuper Rugby ilele isibili emsileni kuCurrie Cup.

Uqokwe njengomdla­li wosuku uJacques Vermeulen kwazise ushaye ama-try amabili. Ukunqoba kweSharks lapha kuyibeke ebuhleni kwazise ngempelaso­nto ezayo inekhefu lomgomo (bye).

Isiyonke imiphumela yeCurrie Cup ihambe kanje:

Golden Lions 31-47 Sharks; Western Province 45-34 Blue Bulls; Free State Cheetahs 25-30 Griquas

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weSharks uTyler Paul evinjwa uJaco van der Walt weLions emdlalweni weCurrie Cup e-Ellis Park Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weSharks uTyler Paul evinjwa uJaco van der Walt weLions emdlalweni weCurrie Cup e-Ellis Park Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa