UNathan akambambele igqubu uNdongeni
UMQEQESHI wesibhakela uColin “Nomakanjani” Nathan akambambele igqubu umshayisibhakela omlaxaze ngenxa yengxabano nezikhulu abengahlangene nayo.
UNathan weHotbox Gym ushiywe nguXolisani “Nomeva” Ndongeni, obengumpetha we-International Boxing Organisation (IBO) lightweight, emasontweni edlule. Ubezibekele umgomo wokubeka uNdongeni esicongweni sesibhakela somhlaba. Nokho kuvele ukuthi ezinsukwini ezedlule, uNdongeni uxabane nezikhulu zeGolden Gloves Promotions, eholwa nguRodney Berman, ebikade imhlelela izimpi. Kuthiwa ucikwe wukungafezwa kwezithembiso.
Ezinyangeni ezedlule uNdongeni ulaxaze ibhande le-IBO ngoba esethenjiswe izimpi zezicoco phesheya kwezilwandle okukhona kuzona ese-World Boxing Association (WBA). Usejoyine uDamien Durandt oyindodana kaNick “Mthakathi” Durandt ongasekho emhlabeni.
“Abekade ekubanga neGolden Gloves bekungahlangene nami kodwa ngibona ukuthi kube nzima ukuhlala ngoba kuyaziwa ukuthi ngisebenzisana nayo. Anginanxa naye, ngiyazi ukuthi esibhakeleni izinto ziyashintsha. Ngizwe amahlebezi okuthi usejoyine enye ijimu. Anginankinga nalokho kodwa ngiyethemba ukuthi ngelinye ilanga siyophinde sisebenze futhi,” kusho uNathan.
UNdongeni ujoyine uNathan ngo-2015 emuva kokushiya obengumqeqeshi wakhe weminyaka, uMzamo “Chief ” Njekanye e-East London. Akakaze ahlulwe ezimpini eziwu-22. Ugcine ukungena eringini ngoNovemba ehlula uJuan Garcia Mendez phesheya kwezilwandle. Emuva kwalokho iGolden Gloves imthembise izinto ezinkulu nezigcine zingenzekanga.
“Akukho okubi engingakusho ngoNdongeni, ngimkhonzile. Ngimfisela konke okuhle.”
UNathan uthe uzamela umpetha we-IBO flyweight, uMoruti Mthalane, impi yokuvikela isicoco emuva kokungacaci kwezinto phezu kokuba bekade bethenjisiwe KwaZulu-Natal. Uthe sebeyiyekile indaba yaseKZN ngoba akukho okulungayo ekubeni isikhathi singazibekile phansi.
“Sizama kwezinye izindawo manje ngoba nalaba abebekade besifonela eKZN sebethule. Kufanele siqhubeke sizame kwezinye izindawo. Kukhona okuthembisayo nesibheke ukuthi kulunge maduze,” kusho uNathan.
Abashayisibhakela abaningi bakaNathan baqhathwa yiGolden Gloves kodwa asikho isivumelwano esinjalo ngoMthalane owayeqeqeshwa nguNick Durandt.