Isolezwe

IDowns ikhishelwe esibayeni sayo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

yingoba uDenis Onyango uyagula.

Unozinti omusha uRazak Brimah waseGhana usalinde amaphepha amgunyaza ukuthi adlale kuleli okuyinto efanayo nakoCuthbe­rt Malajila noMokgakol­odi Ngele bobabili abasalinde awabo abavumela ukuthi sebengabha­liswa njengabang­umsinsi wokuzimile­la eNingizimu Afrika.

NgakwiMari­tburg, uSiyanda Xulu ongomunye wabadlali abalandwe kwiChiefs naye uqale ebhentshin­i okube yinto efanayo nakonozint­i uJethren Barr, Mxolisi Kunene noRushine De Reuck. Akukho minyakazo etheni ebonakale esiwombeni sokuqala ngaphandle kokuthi iSundowns ibixakeka yijubane leMaritzbu­rg. Ngaphandle kwamabhola amabili amade uHlompho Kekana awashayile, akukho bungozi obebukhonj­iswa iqembu lasekhaya. NgakwiMari­tzburg u-Evans Rusike ubeyiphela endlebeni ikakhuluka­zi kuThabo Nthethe obekumele amjahe isikhathi esiningi kwazise uTeboho Langerman ubehlale njalo ephambili eyofuna amagoli. UBilliat uze wazama ukushayela unozinti weMaritzbu­rg ngemizuzu yokugcina kodwa ladlula eceleni kwepali.

Esiwombeni sesibili iSundowns ibe nebhadi ngesikhath­i i-freekick enhle kaKekana iwele ekhanda likaNtheth­e yamudla unozinti weMaritzbu­rg kodwa yashaya ipali yabuyela enkundleni. Ngalesi sikhathi iSundowns ibisingena ngamandla iqhamuka ngasophond­weni lwesokunxe­le. Kusabhekwe iSundowns, uRusike ubeke phambili iMaritzbur­g ngelihle igoli ngomzuzu ka-58. UMosimane ufake u-Anthony Laffor endaweni kaYannick Zakri ngemuva kokungena kwaleli goli.

Ugcine ephumile uRusike ngenxa yokulimala kwangena u-Andrea Fileccia endaweni yakhe kodwa lokhu kugqitshwe ukungena kukaManyis­a othathe indawo kaSibusiso Vilakazi ngomzuzu ka-73. Lokhu kulandelwe enye inhlokomo sekungena uLebese endaweni kaKhama Billiat ngomzuzu ka-81. UKekana uthole amathuba amathathu ngemizuzu yokugcina kodwa amhlula.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHESIHL­E Ndlovu weMaritzbu­rg United ezama ukudlula kuThapelo Morena weMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN 8 eLucas Moripe Stadium, ePitoli, izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHESIHL­E Ndlovu weMaritzbu­rg United ezama ukudlula kuThapelo Morena weMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN 8 eLucas Moripe Stadium, ePitoli, izolo ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa