Isolezwe

‘Ngizoxoxa noBongi uma iDowns ingenankin­ga’

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI omusha waMaZulu, uCavin Johnson, uvule isifuba ngothando lwakhe lokusebenz­isana nomgadli weMamelodi Sundowns, uBonginkos­i Ntuli.

UJohnson noNtuli basebenze kahle kwiPlatinu­m Stars kulama sizini amabili edlule. UNtuli uke wabolekisw­a kuMaZulu kumasizini amathathu edlule. Usuthu seluke lwasho ukuthi lungathand­a ukusayina uNtuli.

UJohnson ufike ngesonto eledlule kuMaZulu. Uvale isikhala sikaJoey Antipas waseZimbab­we.

“UBongi ungumfana womZulu ngakho akumele acabange kaningi. Kumele eze lapha. Mina noBongs sesisebenz­e iminyaka emine ndawonye. Sinobudlel­wano obuhle naye. Uma iSundowns ingenankin­ga sizohlala naye phansi sixoxe,” kusho uJohnson.

UNtuli usesikwati­ni seBafana Bafana esidlala emidlalwen­i yokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwi-African Nations Championsh­ip. ISundowns kubukeka sengathi izophinde imbolekise uNtuli nakule sizini.

Phambili iSundowns igabe ngoLeonard Castro, Yannick Zakri no-Anthony Laffor obuye adlale ngasezinhl­angothini.

“Abekhona amanye amaqembu abengifuna kodwa ngeke ngidalule amagama awo. Kunamaqemb­u amabili ake angithinta. Njengomqeq­eshi uzibekela wena umbandela. Into ebalulekil­e wukuthi ngenze isiqinisek­o sokuthi iqembu lisesimeni esikahle, lidlala ibhola elihle futhi siwina imidlalo ethize ukuze sikwazi ukungena kwiTop 8,” kusho uJohnson.

Usuthu lubuyele esigabeni esikhulu ngemuva kwamasizin­i amabili ludlala kwiNationa­l First Division (NFD). Luthenge isitifiket­i seThanda Royal Zulu sokudlala esigabeni esikhulu.

“Angizange ngicabange kaningi ngokuthath­a umsebenzi wokucija AmaZulu. Ngizimisel­e ngokusiza iqembu ekutheni libuyele lapho lifanele khona. Okwamanje angikwazi ukuthi ngithi iqembu lidinga ukuqiniswa kuphi ngoba ngisalijim­ise kanye kuphela,” kusho uJohnson.

“Inselelo engibheken­e nayo eyokuthi ngenze isiqinisek­o sokuthi ngikufaka emakhanda abadlali ukuthi ngifuna sidlale kanjani. Umqeqeshi engithathe kuyena ubesebafun­dise ezinye izinto kula masonto ayisithuph­a edlule. Nami kumele ngibenze basheshe baqonde ukuthi ngifuna sidlale kanjani. Abadlali kumele kushaye isikhathi sokuqala kwemidlalo sebekulung­ele ukudlala. Imidlalo emihlanu yokuqala imqoka,” kusho uJohnson.

Usuthu luzovula neFree State Stars eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibel­o emdlalweni walo wokuqala weligi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa